MHLELI: UNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, uhlalelwe wumsebenzi wokwethula isabelo-mali esizokhanyisa ukuthi imali yokuthenga imigomo yeCovid-19 izovelaphi njengoba engalindelekile ukuthi anyuse intela ngenxa yesimo somnotho.
Okunye okubhekwe ngabomvu wukuthi zilekelelwa kanjani ezempilo nezemfundo ngemali ukuze zibhekane nombhedukazwe weCovid-19.
Kungokokuqala selokhu sabuswa ngokwentando yabantu ukuthi ungqongqoshe abe nengcindezi yokwethula isabelo-mali izwe libhekene nezinselelo kwezomnotho, inqwaba yabantu abangasebenzi kanye nobhubhane iCorona.
Kuningi osekushintshile kusukela uMboweni ethula isabelo-mali ngonyaka odlule ngenxa yeCovid-19 elahlekisele abantu ngemisebenzi nomnotho wezwe uqumbeke phansi. Ukungasebenzi kwabantu kusho ukuncipha kwentela eqoqwa uhulumeni.
Njengoba bekuvalwe izwe uhulumeni ulahlekelwe imali eningi okubuye kwangezwa wukuvalwa kotshwala nogwayi okuyizinto ezifaka itshe lemali esikhwameni sikahulumeni.
Esikulindele kuMboweni ukuthi ethule isabelo-mali esizobuyisa ithemba ngokuvuka komnotho. Okubalulekile wukuthi abantu basheshe bazibonele umnotho ubuyela emgqeni ngokudaleka kwamathuba emisebenzi.
Kodwa-ke ngabe senza iphutha uma singalindela ukushintsha kwesimo ngokushesha kwazise mkhulu kakhulu umonakalo odalwe yiCovd-19. INingizimu Afrika izithole seyiboleka imali okuyinto ekade ingayihlelele. Lokhu kwenzeke kade vele izwe lidonsa kanzima ngenxa yezikweletu ebelinazo. Ukusimama kahle komnotho kulindeleke ngo-2025 ngakho okwamanje wukuthi uMboweni akhombe indlela ezosibeka lapho.
Siyakuqonda nokuthi uMboweni ucindezwa nawukuthi umnotho weNingizimu Afrika ubekwe kuvobe. Lokhu kusho ukuthi izinkampani zomhlaba ngeke zisiboleke kalula imali futhi kwazinkampani zikahulumeni ngeke zibathole abatshalimali bakwamanye amazwe.
Ukhiye womnotho usenkampanini kahulumeni i-Eskom edonsa kanzima. Lokhu kuyinkinga ngoba uMboweni akakwazi ukuyekelela le nkampani yehluleke. Ngakolunye uhlangothi akakwazi ukulokhu equlele imali kuyona lungabonakali ushintsho. Kade sathenjiswa ukuthi kunohlelo lokutakula i-Eskom, kepha sekuthulekile. Kungakuhle uMboweni asicacisele ukuthi sekuhanjwe kwafikwaphi nalolo hlelo.
Mazwakhe Mkhize
ENTSHANGWE