MHLELI: Njengomthandi nomlandeli wezemidlalo KwaZulu-Natal, ngivumele ngibongele uShauwn Mkhize weRoyal AM othenge iqembu laseBloemfontein, iSiwelele samaSokolari.
Okwenziwe nguMaMkhize ekutheni andise amaqembu aseKZN kwiDStv Premiership kusijabulisile thina bathandi bebhola likanobhutshuzwayo. Okwenza sikujabulele kakhulu wukuthi ungowesibili kwabesifazane ekuholeni iqembu esigabeni esikhulu, ngoba sinaye omunye wesifazane onguMato Madlala ophethe Abafana Bes’thende, iLamontville Golden Arrows. Ngifisa ukumeluleka uMaMkhize ekutheni iyashisa insimbi kwiPSL, akufani nakwiNational First Division (NFD) lapho ebesejwayele khona.
Engingameluleka ngakho ukuba iqembu lakhe iRoyal AM angalenzi indawo yokugugela, lapho wonke umuntu ezoza ezofesa ukuze ethole umsebenzi. Baningi abadlali ozobabona sebezofesa futhi baningana abaqeqeshi ozobabona sebezofuna imisebenzi ehlukene eqenjini. Engingakusho kuMaMkhize ukuba athathe isinqumo esizosiza yena neKZN yonkana.
Asethembe ukungena kwakhe kwiDStv Premiership kuzokhuthaza abesifazane ukuba bazwane nokungena kwezamabhinisi, kuphele nomkhuba wokwencika ngabesilisa. Vele ibhola liyibhinisi efaka inzuzo ngokuthi uthole abaxhasi nabalandeli abangenisa imali ngokungena enkundleni.
Ngisanda kubona omunye wabaqeqeshi okusolwa ukuthi uzovumbuka eqenjini iRoyal AM. Uma bangase bethole yena uRuud Krol owake wayibamba kweZimnyama ngenkani, kungaba yimpumelelo enkulu.
Okumele kwenziwe uMaMkhize ukuba anike ithuba ithimba labaqeqeshi isikhathi esanele ekutheni bahlanganise iqembu, angenzisi okukaChippa Mpengesi wodumo lweChippa United ediliza abaqeqeshi besadlale imidlalo emithathu nje vo.
Okunye esicela ukuba akwenze ukuba asibuyisele ibhola elokishini eMlaza, hhayi ukuthi iRoyal AM iyodlalela imidlalo yayo yasekhaya eChartsworth Stadium.
Ngimfisela okuhle kodwa uMaMkhize ekuhlaleni kwakhe kwiDStv Premiership.
Khabzela “KB” Mzimela
EZWELIBOMVU