SEKUQUBUKE omkhulu umsindo ngesinqumo esikhishwe inkantolo yoMthethosisekelo ecaleni ebelifakwe i-Freedom of Religion of South Africa. Kunqunywe ukuthi ukushaywa kwezingane ngoba uthi ulungisa isimilo kuyicala. Okuchaza ukuthi uma uthela isibhaxu enganeni ngoba yonile, uzobekwa icala lokushaya.
Lolu daba lusuka ekutheni uyise wengane eneminyaka engu-13, ongeke adalulwa ukuvikile ingane, washaya ngezibhakela waze wayikhahlela indodana yakhe ngoba eyibambe ibuka izithombe zabantu abanqunu. Ubekwe icala lokuhlukumeza, wazivikela ngokuthi ubesebenzisa ilungelo lakhe lokuqondisa izigwegwe enganeni yakhe njengomzali.
Inkantolo ibalule isigaba 9 (1) esiqiniseka ukuvikelwa umthetho kwawo yonke umuntu no-12 (1)(c) oqinisekisa ukuthi akekho okumele ahlukunyezwe no-28 oqiniseka amalungelo ezingane.
Iphinde yamukela ukuthi isikompilo labazali bekuthi abanye bakholelwa ekutheni ukusebenzisa induku kuyasiza ukwakha nokuqondisa isimilo. Lokhu kuphinde kwaqinisekiswa indlela umthetho obusingatha ngayo lolu daba.
Inkantolo isebenzisa isigaba 36 soMthethosisekelo ukucubungula ukuthi kumele yini lelo lungelo lincishiselwe amandla. Lesi sigaba siqukethe imibandela ekumele ibhekwe inkantalo uma kwenziwa lolu cwaningo. Lesi sigaba sibheka ubunjalo nokubaluleka kwelungelo noma amalungelo, inhloso yokunqunda amandla elungelo noma amalungelo nokuxhumana kwako bese kuvalwe ngokuthi zikhona yini ezenye indlela ezingasetshenziswa ukuze amandla elungelo angathintwa.
Inkantolo ilawula isigaba esibalulwe ngaphezulu, inqume kanje: -
Ubunjalo nokubaluleka kwelungelo noma amalungelo: -
Inkantolo ikuqinisekile ukubaluleka kwamalungelo atholakala kwizigaba 9, 12 no 28, futhi athathwa njengamalungelo asesigabeni esiphezulu ohlwini lwamalungelo. La malungelo abhekele ukuvikelwa kwezingane.
Inhloso yokunqunda amandla elungelo noma amalungelo nokuxhumana kwako: -
Inhloso eqhakambiswa ukuqondiswa kwezigwegwe ngokusebenzisa induku eqhudelana neyokuvikela izingane ukuze zingahlukumezeki. Inkantolo iphinde yagcizelela ukuthi iwumqaphi nomvikeli omkhulu odlula bonke, ngisho nabazali imbala uma kuza ekuvikelweni kwamalumgelo ezingane.
Zikhona yini ezinye izindlela ezingathathwa noma zisetshenziswe ukuze amandla elungelo angathintwa.
Inkantolo ithe uma inhloso yokusetshenziswa kwenduku kungukuqondisa izigwegwe yathola ukuthi zikhona ezinye izindlela zokuqondisa izigwegwe noma indlela yokufundisa izingane ukuthi zikwazi ukuhlukanisa phakathi kokubi nokuhle.
Imiphumela yocwaningo ikhomba ukuthi ukusebenzisa induku kuyalimaza kunokuthi kwakhe, nezizathu azifakwe nabahambisana nokusebenziswa kwenduku aziqinanga ngendlela ukuze amandla alelo lungelo abalulwe ngaphezulu anqundwe.
Ibe isifika esinqumeni esithi, akube icala ukusetshenziswa kwenduku ukuqondisa izigwegwe lokho ilawulwa uMthemthoSisekelo kanye nomsebenzi obekwe ukuthi inkantolo okuthi akube iyona ewumgcini mandla onamandla ukudlula bonke uma kukhulunywa ngokuvikelwa kwamalungelo ezingane.
Umbuzo ekufanele sizibuze wona ukuthi, uma sibenzisa induku ukuqondisa isimilo, singabazali asifukameli yini abantu abazokhula bazi ukuthi konke okungalungile kulungiswa ngenduku?
Masisacubungula lokho, siphinde sikhumbule izibalo ezikhuphuka nyaka yonke yokuhlukunyezwa kwabantu (lapho ngibala besifazane nabesilisa).
Ucwaningo, luveza ukuthi, induku ayisizi ukuthi ingane yazi ukuthi kungani lokhu ekwenzanyo kungalungile kodwa ikuyeka ngoba nakhu isaba induku.
Luphinde luveze ukuthi induku iyona esiza ukuthi lapho kushayisana khona imibono noma kukhona ukungathobi mangabe utshelwa, kube iyona njalo ezosetshenziswa ukuze wenza lowo ophikisana nawe enze intando yakho.
Inkantolo iphonsele isiShayaMthemtho ukuthi akwenziwe ucwaningo ukuthi iziphi indlela ezingasetshenziswa abazali ukuqondisa izigwegwe ngaphandle kokusebenzisa induku.
Nokubheka ucwaningo olwenziwe i-South African Law Commission, Project 110 kuzosiza ukuze sithathe izinqumo eziphusile nezisekelwa ucwaningo.
Kufanele sigade ukuthi asingathi siyakha kanti sesifukamela abahlukumezi bakusasa. Umbuzo wokuqala ekufanele sibe nawe ukuthi, iziphi izindlela okufanele sizisebenzise njengabazali ezizokwenza ukuthi izingane zethu zikwazi ukuhlukanisa okubi nokuhle zingalawulwa ukusaba induku.
* UZikalala ungummeli ozimele noMqondisi kwaZikalala Attorneys.