UMSAMO: INGONO NENKABA
IMITHOMBO yesintu nenjula yaso seyasha. Isha njena kungazange kwabhalwa phansi okwabe kulisiko nesintu sethu. Nasezikoleni asizange sibonakale isizathu sokuthi kufundiswe lokhu ukuze kuhlale kugcinekile. Kodwa angikusoli kakhulu lokhu ngoba isintu siyinkolo yethu eyayiphilwa kungekhona ukuthi kufanele kube khona ukufundwa phansi. Isintu nesiko uyakuphila, uzalwe kukhona ukubone ngezenzo, ungatshelwa lutho futhi ukuthii kwenziwelwani kodwa ulokhu ulandela. Uyothi usukhulile ulokhu uzwa benza ukuthi kanti kusuke kwenziwa kanjena nje kusuke kwenzelwa ukuthi. Kunjalo-ke nanamhlanje kunzima ukulifunda phansi isiko ngoba linomnyombo lapho lisuka khona, okufanele kuqondwe lowo mnyombo kuqala ukuthi kwaqalwaphi kuze kube lapho sekwenziwa lona.
Kuningi-ke okwenzeka namhlanje okwakungenzeki kuqala kodwa okungasho futhi ukuthi izinkinga babengenazo abantu bakuqala. Izinkinga esinazo namhlanje zazikhona nakubona, umehluko wukuthi kwakulalelwa abadala, kunezindlela zokuphila, esezilahlekile namhlanje nabantu labo abadala sebahamba, abasele sebadungwa ngamalokishi nezinkolo eziningi ezehlukene. Lokhu kube sekukhuphula izinga lokuphuma kuyohlolwa ezangomeni lapho kufike kwalahleka khona yonke into. Nakuba kubhulwa kwakungaphunyelwa into ethinta isintu nesiko, kodwa kwakuba ngempela ngoba kunesidingo esiphoqayo, esesihlulile emndenini wonkana. Ezintweni ezazenzeka-ke kwakuyaye kuthi uma abaphambili bengakulungisanga okwakufanele kugcinwe, sekuthuka kweleka isizukulwame esilandelayo, kwakushwelezwa. Ukushweleza yiyona into namhlanje engasanakekile, osuthola kuthiwa yenza nakuba amandla ungenawo.
Ukushweleza kwakwenziwa ngezilwane ezifana nezinkukhu noma imbuzi, entweni ekhalelekayo kokwakuba phakathi kokubili, kube wukuthi nithi nizwile kwabadala kodwa nisahlela nizokubalungisela lokhu abakucekayo. Lokhu kwakuvamisa uma sekuze kwasuka umsindo kumbe kwaba nolaka olwenzeka emndenini, lapho kwakuhlanganwa kushwelezwe. Olunye uhlangothi lokushweleza kwakuba wukuthi izidingo ezashiywa ngomkhulu nobaba, akuselula ukuba zifezwe kodwa nicela ukushweleza ngembuzi, nikuhlambulule ukuze kungabe kusaba yinkulumo enolaka esibhekene nani nomndeni.
Izinto ezifana nokushwelezelwa yizinto ezifana nomsindo ekhaya, ukuphakama kwesandla ebaleni, kokunye kuze kuphakanyiswe isikhali, osudinga ukuba kugcine kugezwa umuzi, ukuhlambalazana nokugcina nakho sekuhlanjulukelelwana. Kukhona lapho uyaye uthole kunemisebenzi ekweletwayo ekhaya engenzekanga, kodwa ilokhu ikhaleleka kodwa uma ubheka isimo sasekhaya amandla awekho futhi akubonakali nokuthi ayovela kuphi. Akukho muntu ekhaya osebenzayo, konke kumile kuthe ngqi, bese kulokhu kuvela emaphusheni nasezibonakalisweni ukuthi kukhona lokhu okwasilela. Nalapho kuyashwelezwa ngesilwane esinjengembuzi, kubikwe ukuthi nakhu esinakho, kudliwa okuncane kudliwe okukhulu. Lapha kusuke kokunye kungekhona ukushweleza kuphela kodwa kungukuthi seniyabenzela isithebe, okwakumele kube yinkomo kusona kodwa ngenxa yamandla bese nibika ukuthi nakhu lapho amandla ehamba agcine khona.
Sekunzima-ke namhlanje ngoba lo mkhuba usulahlekile esintwini sakithi. Sekuphila isintu sokuphuma uyokuzwa, ufike utshelwe ukuthi okukhalelekayo, kumbe okungenzekanga nokungagcinekanga emndenini bese kufanele nigcine nikwenzile. Uke uthole umuntu ehlaba izinkomo eziyisithupha kuya kweziyishumi, ethi wenza umsebenzi wokuvala izikhala zabantu abangazange benzelwa imisebenzi. Useyohlukumezeka umuntu ebamba eyeka etsheleka izimali ngoba ethi uzama ukuvala izikhala okuthiwa zavuleka. Inkinga wukuthi kukhona konke lokhu akukhona ukuthi ngeke kwakhulumeka nethongo, futhi ngeke lalalela, kodwa ngoba usutshelwa lapho uhambe uhlola khona ungatshelwa isintu esasisebenza emandulo, sokuthi uyakwazi ukushweleza ngokuncane onakho. Liyokuthi lingavula-ke ithongo bese kuyima ukhumbula isicelo owasethula kubona emsamo, kulapho usuyokwazi ukwenza owawukuthembisile.
Lukhona-ke ulaka olungasashwelezelwa, ngoba lapho usuke wenza ngamabomu noma lokho okukhalelekayo kade utshelwa usenamandla kodwa ukushaye indiva. Uzothola ukuthi ubusebenza kahle kodwa emaphusheni akho ulokhu kudamane kuvela izilwane ezifana nezimbuzi kumbe izinkomo, utshelwe nalapho uhamba khona ukuthi bonga, kodwa ngoba nakhu usabhukuda emafutheni konke ukushaye indiva. Kuyokuthi sekuphele konke ungabe usakwazi ngempela ukuthi ungashweleza. Kulapho usuyaye uthi uyashweleza kuvele omunye umonakalo omkhulu kunakuqala. Kusukela lapho ulaka selulukhulu kakhulu. Lapho-ke akusekho ukwenzenjani, sekufaneke ubhekane nawo ngqo umsebenzi uwenze, ngalokho abakufunayo.
Isiko-ke lokushweleza sesiyaye sithathe ngokuthi alisasebenzi ekubeni lisekhona, futhi yilona okufanele silisebenzise kodwa ngokweqiniso. Amaphutha asuke ashiywa ngabazali bakho akulula ukuthi wungawathwala wonke kodwa ukuwashwelezela njengengane eyayingekho ngaleso sikhathi, ithongo liyakwazi ukwamukela.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize
Isigodlo SaseMlambomunye: School of African Indigenous Science.
GAUTENG: 010 007 5294/5
KZN 087 11 00 555.