KUNEZINTO esizenza sigcine sesizibiza ngesiko nesintu, ekubeni akunjalo. Inkinga yalokhu ukubhebhetheka kwakho ngenxa yokuhlupheka kwabantu nezinkinga ezibakhungethe, bese betshelwa lokhu ekubeni bengenalwazi oluphelele ngabatshelwa khona.
Namhlanje kunezinto ezazikhona zenzeka emandulo, zilungiswe ngokwesintu, namhlanje osekugijinywa kuthathwe sengathi kuyaqala. Kunemikhuba eseyandile esingabala izinto ezifana nokuthi uma abazali bakho bashada ngomshado omhlophe, bangagcagca kumbe balobolana, base benquma ukuhlala ndawonye wena ngeke ukwazi ukugcagcelwa ngaphambi kokuba ubashadise ngokwesintu. Okwesibili, uma kube khona ingane ehluphayo bese kuthiwa iyabangwa kodwa uyise nonina bangagcagcelananga kwaphelela, omunye kuthiwe yingoba akahlawulwanga kubo kayise.
Okunye osekudume kakhulu kuthiwe yakha indlu yakomalume ekhaya kumbe indlu kakhokho thizeni ebaleni noma kagogo thizeni kodwa libe ikhaya liphelele. Uma izinkinga zidlanga bese kuthiwa idlozi alikho kulo muzi laphuma lahamba. Yizona zonke izinto lezi esezidunge izwe nezinye eziningi, ezixove ingqondo yomuntu omyama ngokutshelwa lapho behamba khona yithina belaphi besintu nabathandazi.
Okukhulu osekuhlukumeze abantu kakhulu wukuganisa abazali abangaqedanga. Kuphi nakuphi lapho umuntu ehamba khona uphuma nokuthi kufanele aganise uyise nonina. Kuyothathwa ingane encane igqokiswe inkuxa yesudi, kuthiwe imele ubaba uma bengasekho bobabili bayomelwa ngabathize, kuthiwe bayagcagciswa. Uma ubuza ukuthi bakutholephi lokhu, bathi konke lapho behamba khona kushiwo njalo. Emandulo akuwona wonke umuntu owayeqeda amalobolo.
Akuyena wonke umuntu owayegcagca kodwa umuntu wayekhipha lokho anakho bese kuthiwa thatha umkakho, bahambe bayohlaka ndawonye ngoba kubalekelwa imilanjwana. Okwesibili, kwakuthi uma abantu kubonakala ukuthi ngeke bagcagce kwakwenziwa imbuzi yokubika, kushwelezwe kushiwo ukuthi amandla asemancane kumbe awekho bese kudluliswa lokho.
Namhlanje sesenza sengathihi umhlaba uyaqala ukuba khona ngathi. Kungakho izangoma nezinyanga esezikhona ezishumayela le nto engekho yokugcagcisa abazali.
Ngokwesintu nesiko, ababili kwakuthi uma bengagcagcanga, izingane zabo uma sezisele noyedwa umzali, kumbe sebahamba babengalinge bagcagciswe, ngoba kuyazeka ukuthi hleze kwakukhona izingqinamba ababenazo ngaleso sikhathi sabo bephila. Okwakuyaye kwenziwe, wukuthatha imbuzi kuyiwe emsamo kufike kushwelezwe ukuthi naba abazali bethu abagcagcanga, bathelana ngenyongo, kodwa basizalile bahlala nathi bawakha umuzi, ngakho siyayigeza leyo nkulumo siyayishweleza, kuqhutsekwe nempilo. Lokho sekuyokwenza ukuba izingane ezizelwe yilabo bazali bobabili zikwazi ukuqhubeka nempilo kunokuthi zingene ezindlekweni zokuqala phansi.
Baningi abakwenzile lokhu abaphumelele, ngokulandela isintu. Into eyenza kushunyayezwe le nto wukulahleka kwesintu nokwanda kwabelaphi abathi baluleka abantu bebe kwabona bengakhulelanga kusona isintu ngqo. Ukhumbule namhlanje ukuthi sekuthwasa nona ngubani, noma ngabe uzalwe wakhula elokishini, isintu nesiZulu usizwa ngendaba, kanjalo nokuyikhona okukhulunywayo uthwasa, kuthi noma umelaphi esethwasile aqhubeke ngalokho okukhulunywa emqwagweni ngaphandle kokubheka ukuthi ngabe kuyayakha yini ingqondo.
Namhlanje sinabelaphi abatshela abantu ukuthi abakhe izindlu zakoninalume emagcekeni, abanye kuthiwe mabakhe izindlu zokhokho, ngaphandle kokuchaza ukuthi kuyini khona lokhu. Inkinga lapho uthwase khona wangafundiswa isiZulu, kumbe watshelwa okungekhona, nawe usuyoqhubeka nakho ngentshumayelo engekho, bese abantu begcina benza lokhu okuphambene. Izinto eziningi uma sezivezwa ngezibonakaliso kumuntu othwasayo, umthwasisi uyaziphikisa ngoba usuke engasazi leso sintu nesiZulu atshelwa sona. Ingane kuvele kuthiwe iyabangwa kodwa abazali bebe beshade baqeda konke.
Enye ingane ngenxa yezinkinga kuthiwe ayihambe iyokwenzelwa izimbeleko kubo kayise, okuphambene kakhulu nokwenza kwesintu. Yingakho namhlanje uthola owesilisa uma eseganwa, umuzwe ethi ngitshelwe ukuthi kufanele ngithathe isibingo sikababa. Uyothi angasithatha umshado usenezinyanga ezine, uqale ube nezinkinga, yilapho uyokuthi usuhamba kuthiwe yingoba uzalwe wembethe, yidla igobongo nalo eselifana neculo lesizwe.
Esikhathini sanamhlanje uma ufuna ukuphila impilo engezokubangela usizi nezinkinga, zihluphe ngokufunda isintu nesiko ukuthi lithini entweni ekukhathazayo. Ukufunda isiZulu kusemqoka namhlanje ukugwema amaqola angasazi kwawona. Uma kukhona izinkinga ezikuhluphayo, bheka ekhaya kuqala, ulandele isintu kunokuthi uyothatha okutshelwayo ngaphandle. Noma ungakuthatha okutshelwayo, kodwa kubhekisise ukuthi isintu sithini nesiko lesintu ngoba sekukhona lokhu osekwakhiwa yithna zangoma nezinyanga nabathandazi, othi uma usubuza ujula uthole ukuthi kwayena okutshelayo akanalwazi olugcwele. Kuningi osekukhona namhlanje, ukhanyisa amakhandlela, iziwasho, ukukhuleka ngezikhathi ezithize, ongachazeleki ukuthi kuzokusiza kuphi.
Miningi imizi okuthiwa ithongo/idlozi alikho laphuma, kufanele lifakwe. Uma ubuza ukuthi kanjani, athi umuntu ngizokufakela lona mina. Kuningi ukuphanjaniselwa ngabangazi, nabangenzi ngeqiniso hhayi ngoba nabo bezenza kodwa ngoba bengafuni ukuthi abazi nokubona ithuba lemali lizokubadlula. Ukhumbule ukwelapha kwanamhlanje akusekhona okokufundisa nokweluleka, nokulapha ngoba kufanelekile, sekungokokwakha imali ukuze nomelaphi ibhodwe liye eziko nakuyena. Yingakho-ke namhlanje sinezangoma ezigcwele izwe kodwa uma ufuna ulwazi lwesintu namasiko esiZulu kubona uthole ukuthi ngamanzi ezibuko.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize
Isigodlo SaseMlambomunye: School of African Indigenous Science
GAUTENG: 010 007 5294/5
KZN : 087 11 00 555.