MHLELI: Ngicela ukushaya ngamafuphi, ngiveze uvo lwami ngodaba lokusha kwePhalamende. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi sihlala eBanana Republic lapho abantu bezenzela umathanda khona, bengenandaba nemithetho yezwe, nezelelesi zingena ezweni ngenhla zize ziyophuma ngezansi zinganqandwa muntu.
Noma ngingayazi imbangela yokusha kwalesi sakhiwo kodwa ngibona kunesandla semfene. Akukwazi ukuthi kungaba nezigameko ezifanayo okanye ezithi mazifane zenzeke ngezinsuku ezimbili zilandelana. Noma kungathiwani, lokhu kusha kungesandla somuntu oyovela ngelinye ilanga kanye nezinhloso zakhe. Yonke le nto ikhombisa ukuthi ezokuphepha kwezwe zibanda qa.
Ukube ezokuphepha bezisezingeni, ngabe yonke le nto ayenzekanga. Le nto ilihlazo kakhulu kwazise iPhalamende liyingxenye yeNational Key Point, lapho ezokuphepha kumele zihlale zisezingeni khona ngoba lezi zindawo zithathwa njengezibucayi kakhulu, zifana nenhliziyo yezwe okuthi nxa kufe zona kufane nokuthi nezwe lifile. Kodwa-ke kuye kuthiwe kufundwa ngamaphutha, cishe naleli phutha lokusha kwePhalamende amalanga amabili elandelana lizogwemeka ngokuzayo.
Le nto eyenzekile ilihlazo ezweni, kayilona ishwa. Iveza ngokusobala ukuthi leli Iizwe liphethwe ngabantu ongabafanisa namaphara, wona acabangela imanje kuphela, akhohlwe yikusasa.
Sibahle Ngobese