Imibono

Ukubethela umuzi kungalivala nya ithongo kunokuxazulula izinkinga ekhaya

Published

Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)

UMKHULU wami uMjovo sasimuzwa sisebancanyana, etshela amadodana akhe okwakungobaba ukuthi bangalinge balethe inyanga ethi izobethela umuzi wakhe. Wayesho ukuthi naye ukhuliswe nguyise uLu Phuzi, wathi angalinge angenise inyanga emzini wakhe. Lokhu ayekusho wayekuthathele kuyise nathi esakhula kwenzeka, siyalwa ngakho.

Nanamhlanje awukho umuzi kaLu Phuzi osuke wangenwa yinyanga ithi izobethela kuwona wonke amadodana nesizukulwane sawo. Elalikusho ikhehla emadodaneni, lalithi uma uletha umuntu ethi uzobethela, uyazi yini lena azofike ayifake ebaleni ukuthi izozwana yini nabanikazi bomuzi namakhehla akuphethe? Okukhulu; ubethela nje, uvala ziphi izinkinga ngoba inhlupheko ayelashwa ngokubethela kodwa yelashwa ngokulungisa umlando nokonakala koyihlomkhulu, nokugcina isintu njengalokhu siyalela ngamasiko aso?

Ayekuqhakambisa umkhulu, wukukhishwa kwabafana okwakuthiwa bavimba izulu uma liduma, ababejikijelwa emnyango ukuze kudlule izulu, lingangeni ekhaya.

Ngaleso sikhathi, izangoma nezinyanga bezingakabi ngaka. Nezazikhona bezenza lokho ezabelwe khona, zingekho ezazithi zigeza imisamo, zikhipha izidalwa zibuye zizifake ngaphakathi, nokuqinisa imizi.

Isangoma noma umhlahli kwakuyiwa kuyena kuphela uma kuvele umhlola ekhaya, nakhona kwakufikwe kushiwo lokho okonakele kuphela kodwa kungaqhakambiswa ukuza ebaleni lomuzi ngoba kwakwaziwa ukuthi umuntu wesinye isibongo, akakwazi ukuyothinta umsamo wakomunye umuzi osibongo singefani nesakhe.

Kwakungekho bathandazi nazinkolo esezingaka, osuyaye uzwe umuntu ethi bengilande umthandazi ezongibethelela, kokunye bengibethelelwa ngumuntu ngokwasenkonzweni yami.

Namhlanje cishe awukho umuzi ongabethelwe. Awukho umuzi okungakaze kungene isangoma, inyanga kumbe umthandazi, bathi bezobethela ngoba umndeni ubhekene nezinkinga ezingaxazululeki. Kukhona konke lokho kwenza, kukhishwa izizumbulu zemali, umuntu angasizakali agcine esethi, “sengiyeka konke angisenzi lutho”, kanti nguyena owenza okuphambne ngoba ehluphekile. Ukubethela kuhle kodwa kunabanikazi bakho, akuzona zonke izinyanga nezangoma eziphathiswe ukubethela.

Ukubethela kwakunamakhehla ayenikezwe amandla akho, nakhona hhayi ngoba kunezinkinga ekhaya kodwa kwakuvikwa osekwenzekile, nokuthakathana okwakwandile emandulo.

Namhlanje ngokungahlali kwemali; izingane ezidakwa utshwala; umsindo osekhaya; ukuqhuma kwendlu phezulu; ukungagani kwezingane nokungawutholi umsebenzi, sekugijinywa kuthiwe, “Bethela!” Uzibuze ukubethela kuhlanganaphi nezinkinga ezibhekene nomndeni? Kuyacaca ukuthi lokho kubethela kwanamhlanje sekwenziwa ngabantu abafuniselayo.

Ukwelapha kwanamhlanje akusekhona ukwelapha umuntu engaphumile athi ngiyobethela kwasibanibani. Inkinga enkulu namhlanje akusekho ukuthembakala kunanona ngubani. Uma uvumela umuntu angene ebaleni lomuzi wobabamkhulu bakho, athi uzofaka izinaliti namakhandlela amnyama kumbe abomvu, ubani othe akufakwe lokho?

Kunjalo nje okabani lo muzi osuzogxinyekwa zonke lezi zinto? Umbuzo omkhulu okufanele siwubheke, ukuhlanzeka. Ngeke ungene emzini wamakhehla nezalukazi zakhona ungcolile kwawena, ungahlanzekile ube uthi uzosiza ngokubavulela inhlanhla ngokubethela.

Iqiniso elibabayo lithi akuthina sonke esingabelaphi esinezigodlo zethu ezihlanzekile, kanjalo nempande esiyiphathayo ayihlezi imsulwa. Ukhumbule ukuthi okufaka egcekeni lakho kuyohlala ingunaphakade, kufana ncamashi nezinhlanga emzimbeni wakho ofakwa zona kuthiwe uyaqiniswa kanti usuvalwa ingunaphakade.

Inamhlanje selinabantu abambalwa abaneqiniso, abahlanzekile, nabangenamona, abazofike bakwenzele ngendlela efanelekile. Kungakho-ke uthola abantu bephuma bengena, uma ubabuza ukuthi ikhona inyanga eke yangena ekhaya, umuntu avume. Bese uyababuza ukuthi beyizokwenzani? Bathi beyizobethela, kodwa abakubethelelayo akuhlangane nakancane nezinkinga ezikhungethe umuzi kumbe umndeni.

Sithi isibongo singalungile kuthiwe, “Bethela!” Ithongo ungalifakile ekhaya, kuthiwe, “Bethela!“ Ekugcineni kunanoma iyiphi inkinga enikhungethe uzibuze ukuthi ukubethela kuxazulula yiphi yona?

Into enkulu okufanele abantu bakithi bayazi ukuvumela ithongo lizikhulumele. Ngalokhu ngiqonde ukuthi wonke umuntu akaphuphe ekhaya, okungenani-ke abambalwa, okuyibona ithongo elikwazi ukufinyelela kubona. Lokho kuphupha kutshengisa khona ukuthi ikhaya negceke kuyakhanya, akunankinga. Kodwa kuzokuthi abantu ekhaya bephupha, betshelwa konke, bese bayozwa kumuntu ovele athi abageze izidalwa, nomsamo, kubethelwe, uxakeke ukuthi kanjani ngoba nakhu ithongo liyakhuluma nabo? Inkinga yibona ekhaya okufanele balalele lokho okushiwo yithongo kubona bese bekwenza.

Ukuphupha nezibonakaliso ekhaya kuchaza ukuthi ikhaya linegceke eliphilayo elingadinge kubethela, nakugezwa komsamo okuhlale kushiwo. Uma nonke ningaphuphi, zamani indlela yokuthi abadala bakhulume ngokubuza ampephweni ukuthi kwenzenjani, kunokuthi niye kozwa lapho kuzokufike kuthiwe bethelani noma gezani umsamo. Kungakho abaningi bathi bangakwenza konke lokhu kade ithongo likhuluma nabo bephupha, kuvele kuvaleke nya.

Ukubethela asingakuthathi njengomvula-nhlanhla, asingakuthathi njengomxazululi wezinkinga. Kunalokho, asikuthathe njengokulivala nya ithongo lingaphinde likhulume, izinkinga ziqale phansi kunakuqala. Kwenzeka lokhu ngoba kusuke kungesona isixazululo sezinkinga zekhaya negceke, njengalokhu amakhehla aseMlambomunye akhulisa amadodana awo nemizi yawo, aphumelela kuze kube namhlanje isizukulwane sawo, sisaphumelela.

Bhedlindaba “VVO” Ka La Phuzi Mkhize (PhD)

Isigodlo SaseMlambomunye: School of African Indigenous Science.

KZN: 087 11 00 555

GAUTENG: 010 007 5294/5