MHLELI: Kwelakho ngiyakhala ngabaphathi boKhoziFM bazicabangela bona, abanandaba nathi balaleli.
Ukube Ukhozi FM alunabo abalaleli abazifunela udumo nje ngokuzwakala emoyeni, bekufanele sike siludube nje ngoba alusicabangeli thina balaleli. Baqale basusa Bheka Mchunu obelushayela kahle uhlelo bamfaka ngempelasonto. Sisathuswe yilokho thina balaleli sebenciphisa uhlelo lukaBusisiwe Mkhize obelusithatha lusibeke kwazise besilulalela sisendleleni sibheke etohweni.
Kumanje ngehora lesithupha bafake Sgqemeza noMroza. Sengibalalele kaningi nje ngehora lesithupha lize liyogamanxa, angibezwa nje ukuthi basuke benzani noma bekhuluma ngani. Kuthathwa isikhathi esibalulekile nohlelo olubalulekile kithina balaleli kudlalwe ngalo.
Akekho ongazi izindaba Ezanamuhla, Abasiki Bebunda yizinhlelo ezilalelwa ngisho wongqongqoshe nabaholi bamaqembu kanjalo noZuma eswumengameli ngangizwa ekhuluma ngokuthi akwenzeki lumphuthe lolu hlelo. Kodwa babukeka bengakuqondi ukubaluleka kwezindaba oKhozini.
Akuthina sonke esiba nesikhathi somsakazo emini, kwazise sisuke sisebenza kodwa Ezanamuhla besizilalela kahle sisendleleni sibheke etohweni kanjalo iKanye Nathi siyilalela sesibuyela emakhaya kodwa umphathi woKhozi FM uncamela ukwenza ushintsho kuzo zombili lezi zinhlelo. Ngeke sisho lutho ngoba benza okujabulisa bona.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
KWESAKWAMTHETHWA