Mhleli: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ngenhlonipho ngiyacela ukudlulisa ilaka lami ngempatho esiyitshengiswa yiqembu elibusayo.
Kuyacaca manje ukuthi ukungasebenzi kwentsha ezweni uhulumeni ukwenza ihlaya.
UMengameli wezwe uthembise abantu izijumbana zokudla ukuze bathibe indlala, waphinde wabathembisa umhlomulo kaR350 engikhuluma nje kukhona abangakazitholi izimpendulo ngezicelo zabo, bebe bathenjiswa.
Kuyadabukisa ukubona iqembu elibusayo lichizela abavoti balo ngalolu hlobo.
Yayiqinisile ingwevu kwezokuhlaziya ipolitiki, uSolwazi Somadoda Fikeni, uma ithi abanye abantu bavotela igama leqembu kanti abanye bavotela izenzo zalo.
Ngikusho lokhu ngoba kucacela ngisho ingane encane manje ukuthi uKhongolose ukhohliwe abavoti kodwa bafumbathisana bodwa emahhovisi thina emakhaya sibulawa indlala nevoti lethu.
Kuyobaphinda okwabehlela mhla iDemoratic Alliance (DA) ikhala yemuka neNelson Mandela Bay neTshwane.
Kwakuyizo izimpiko lezi esezibavale amehlo manje. Ngiyafunga ngiyagomela mhleli, la kwelikaZulu, baningi omasipala abayoqhoqhobalwa ngamaqembu amancane ngoba uKhongolose ubhizi uyatamasa kanti iDA ne-EFF bayakhankasa.
Nanku u-2021, soke sibone ukuthi iyozala nkomoni, abaqhubeke nje. Sibanga no-Ethiopia noBotswana namhlanje emnothweni kungenxa yabo ubuvila nobudedengu engathi babufundela.
Freeman Sifundo Manyoni
Enseleni