MHLELI: Ngesikhathi sisayibukela kude iCovid-19, uNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, wayezishaya isifuba ethi sikulungele ukubhekana nokuqubuka kobhubhane. Waphinda wagcizelela lokhu ngesikhathi kuba nomuntu wokuqala wakuleli okutholakala ukuthi usehaqekile.
Angiboni ukuthi uDkt Mkhize nohulumeni bebekhuluma iqiniso. Uhulumeni wethu usihole wasifaka ehlathini. Abantu bangcwabe izihlobo zabo bengazibonanga. Kubikwe kaningi ngokuphambana kwezidumbu ngenxa yezinqumo ezingafanele ezathathwa. Abanye abantu bafihlwe besongwe ngocwazi kungafanele. Kuthe sekuxoveke izinto, wajika uhulumeni wathi kasikho isidingo sokusongwa kwabantu ngocwazi nokuthi bangcwatshwe bengabonwanga.
Konke lokhu kukhomba ukuthi belungekho ulwazi olubeka uhulumeni wethu esimeni sokuthatha izinqumo ezifanele ngegciwane.
Esikhundleni sokuthi kusetshenzelwe abantu ngokweqiniso, kujike kwavela inkohlakalo ezinhlelweni zikahulumeni. Namanje, kusasaphazwa imali eshisiwe kuphenywa ngaleyo nkohlakalo. Yize abanye bemisiwe noma bephenywa kepha akukho okubambekayo okukhombisa ukuthi izobuya imali entshontshiwe.
Eyomgomo weCovid-19 imbule izinqe uhulumeni ngokungahleleki. Sigijime sathenga ingulube isesakeni eNdiya. Sekukhokhwe imali eshisiwe kwajike kwavela ukuthi umgomo othengiwe ngeke usisize ngalutho. Kanjani manje ngoba sihlale siziqhayisa ngokuthi sinochwepheshe bezesayensi abaseqophelweni eliphezulu? Sivuma kanjani ukuthengiswa into esingayazi? Manje siyadideka ukuthi ingabe ososayensi bethu noma uhulumeni ofaka inqola esihluthu?
Umgomo esishintshele kuwona weJ&J sekuvela ukuthi udala izinkinga zamahlule egazi kubantu, manje sewumisiwe. Bekungaqalwa ngani ngocwaningo ngaphambi kokuthi kuthengwe umgomo? Kwenzeka lokhu nje, luvele uhlelo lomgomo luhamba ngonyawo lonwabu. Azikho nje izimpawu zokuthi simi ngomumo njengoba besitshelwa.
Osopolitiki bethu ake bayeke ukusitshela iqiniso elingaphelele ngoba befuna ukuba bahle emehlweni ethu.
Lisekhona ithuba lokuthi bashintshe ngoba uma kungenjalo kuyashabalala ngenhlangano ebusayo okhethweni oluzayo. Lokhu kuzokwenzeka uma iqhubeka nokusikhohlisa ngenkohlakalo.
Madoda Wanda
EMBUMBULU