MHLELI: Kwesinye isikhathi kuyadingeka ukuthatha izinqumo ulungise amaphutha owawenza ugubuzelwe yisihe sokuzalana.
Lokhu ngikubhekise eqenjini lami iKaizer Chiefs esingililandele impilo yami yonke selokhu lasungulwa.
Usihlalo wayo, uKaizer Motaung, wenza elikhulu iphutha ngesikhathi eqoka indodana uBobby Motaung ukuba yibe yimenenja yeqembu ngoba manje isotakwini ngenxa yenkani yayo.
UBobby uyakuthanda ukuhlwaya abadlali asebephelelwe yizinkonteleka ngenxa yokungenzi kahle kwamanye amaqembu. Ngingamfanisa nomuntu omaketha lapho kulahlwa khona udoti. Abafana Bokuthula Noxolo bakule nkinga yokungasayinisi abadlali ngenxa yalo mdlali wakhe waseMadagascar ngoba uBobby wadaza inkani kumele axoxe kahle neqembu lakhe.
Okuxakayo lo mdlali akayenzelanga lutho iChiefs kodwa manje impilo imile kwezethu ekuthengeni abadlali abasha.
Le nto yakhe usuka kude nayo uBobby. Wasiqala ngonyaka athenga ngawo wonke uvucu wabadlali baseZimbabwe elandela ekwehla kweZim-Dollar. Wayebathenga endalini, saze sagixabezwa ngomdlali isibongo sakhe uJambo.
Usihlalo kumele athathe isinqumo njengomama elumula ingane ebeleni. Le nto yebhizinisi likayise nendodana ayisebenzi. Kwakhona ukwenza kwakhe uBobby ezimbandakanya nobumnandi edlonya utshwala nabangani bakhe engafakile isifonyo yakhomba ukuthi awumufanele lo msebenzi ngoba kumele abe yisibonelo.
Umbuzo uthi ukuba kwakwenzeka kwimenenja engeyona uyise nendodana kwakuzokwenzekani?
Sipho Robert Mpungose
Eshowe