MHLELI:. Njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika ngiphatheka kabi uma kudlalwa ngamalungelo ethu. Inhlangano esayinika igunya lokusiphathela izwe isidlala ngathi manje futhi kufanele sivele sibhikishe singabahlali bakuleli ngokulethwa kwabangaphandle kuthiwe beze nokuhlukile. Uyabona labogogo nomkhulu be ANC bacabanga ukuthi balusa izinkomo nezimbuzi njengoba bephethe izwe nje, okumele bakwazi abaholi be- ANC wukuthi ave siyizilwane kepha singabantu futhi sinemizwa siyacabanga.
Zolo lokhu sigilwe u Dkt Zweli Mkjize uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke wasilethela odokotela baseCuba esabagcina behla esikhumulweni sezindiza, okwasikhathaza ukuthi asibabonanga ezibhedlela. Okwalandela kwaba yile mishanguzo yabo yokuthiba igciwane leCovid-19 eyabhuntsha ngenxa yobudedengu bomnyango wakhe uMkhize. Sithe sisababaza lokho okwenziwa yi-ANC ngeniyane owaseChina ePhalamende wafungiswa waba yilungu. Okusikhalisa kakhulu ukuthi intsha efundile ihlezi emakhaya nemikhakha yayo neziqu zobunjiniyela kepha umnyango kaNgqongqoshe uLindiwe Sisulu ophethe kwezamanzi ususilandele onjiniyela baseCuba ukuba bazobheka inkinga yamanzi ezweni lethu. Okubikwayo ukuthi bazohola cishe ikota yesigidi ngenyanga ekubeni abalana bebengayamukela imali engu R50. OOO ngenyanga ezweni labo nasendaweni abaziyo ukuthi amapayipi amanzi akuphi, ngoba laba baseCuba basazothembela emabhukwini ukubheka ukuthi inkinga yamanzi ikuphi. Uyabona umama uLindiwe ulithukile Izwe lethu nezikhungo eziqeqesha intsha kwezemfundo. . Engingakusho ukuthi asibhikishele uhulumeni wethu ayeke ukusidelela nokuzitshela ukuthi bahola izilwane njengoba behola thina. Mina sengikhathele yi-ANC. Uhulumeni wethu usiphathisa okweziqhaza.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU