MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni eliwela umfula ugcwele, ngicela ukuphawula ngodaba olunganakwa lokuthi kumele uhulumeni axhase osomatekisi njengoba enza emabhasini. Kuyasidumaza okwenziwa wuhulumeni ukuthi alishaye indiva ibhizinisi nokuyilo lodwa eliphethwe ngabantu abamnyama ngokugcwele, elamatekisi.
Okubuhlungu wukuthi abantu abaphethe kuhulumeni bamnyama. Abantu abawuvotela ngobuningi babo lo hulumeni ngabamnyama. Abantu abanganakiwe yilo hulumeni yibo futhi abamnyama. Abantu abamnyama babuthwele ubunzima kuleli zwe, bahlukunyezwa ngezinye izinhlanga babuye bahlukunyezwe ngabantu bakubo, abamnyama. Kuleli bhizinisi osomatekisi bavele bethwele kanzima ngoba uhulumeni akayingeni eyokubaxhasa.
Uhulumeni washaya umthetho wokuthi osomatekisi kumele babhalisele ukukhokha intela babe nesitifiketi. Lo mthetho uyasebenza uma uya ebhodini lezokuthutha uyolungiselwa amaphemithi, uyovuselela noma uyokwenza isicelo sencwadi yemvume. Awenzelwa lutho uma ungenaso isitifiketi sentela okubuhlungu wukuthi alukho uxhaso olukhishwa uhulumeni olubhekele osomatekisi. Kufanele ugcwalise amafomu abakuthumelela wona lapho okumele uchaze indlela ibhizinisi lakho elisebenza ngayo nemali oyisebenzisile, engenayo nephumayo.
Akulula ukuzigcwalisela amafomu, kufanele uye kubantu abakufundele ukuthi amabhuku ebhizinisi abhalwa kanjani ababizwa, ngama-accountant. Uma uye kubona ukhokha imali esukela R1500 kuya phezulu.
Intela ibathwalise nzima kakhulu osomatekisi ngoba kuyenzeka ihovisi lezentela livele likubhalele incwadi ethi ulikweleta R50 000 kuya phezulu. Kuthiwe kufanele uyikhokhe ngokushesha unqunyelwe izinsuku. Size silanyulelwe yiwona ama-accountant ukusula leso sikweletu nakubona ukhokha imali ukukwenzela lowo msebenzi.
Okubuhlungu ukuthi iningi imali ekhokhwa usomatekisi kuhulumeni uma ethenga izinsimbi zezimoto uyayikhokha intela, uma efaka uphrethiloli uyayikhokha intela,
uma ethelela imoto ilayisense yayo uyayikhokha intela, uma umshayeli wetekisi evuselela imvume yokulayisha abantu noma evuselela ilayisense yokushayela, yonke imali ayikhokhayo iya kuhulumeni.
Iningi imali efakwa osomatekisi kuhulumeni kepha yena akenzi lutho.
Uma osomatekisi bethenga izimoto zabo zokuthutha umphakathi bayayikhokha intela eya kuhulumeni.
Njengoba sihlaselwe yilolu bhubhane lwesifo okuthiwa yiCovid-19 osomatekisi kuthiwa abalayishe abantu abangamaphesnti awu-70. Uma ubala imali elahlekela usomatekisi emotweni ngayinye ngosuku inkulu kepha nalapho uhulumeni akukho abahlangabeza ngakho.
Lo hulumeni akabanakile ngempela osomatekisi ungathi ulwa nokuliqeda leli bhizinisi ngendlela enza ngayo. Kuyadabukisa ngoba abantu abaphethe izwe abantu abalwaziyo usizi nokuhlupheka komuntu wetekisi.
Ntabeni umfana wentaba
EHAMMARSDALE