ZININGI izigigaba emlandweni womhlaba ezisikhombisa ukuthi izikhathi ezinzima njengalesi esizithola sikuso kuyenzeka ziveze ngokusobala isibindi nomoya wobumbano ezweni.
Kusukela ngesikhathi kumenyezelwa okokuqala ukufika kweCorona kwelakithi ngoMashi 5 nonyaka, ngihlabeke umxhwele ngomkhombandlela nokwesekeka esikuthola ebuholi bethu, kusukela kuMengameli Cyril Ramaphosa, kuye kuNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize, kuze kufike kuNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala.
Isiqinisa idolo nendlela iminxa eyahlukene emphakathini esabele ngayo ekhweleni lokubambisana nohulumeni ekugwemeni umbhedukazwe ngenxa yeCoronavirus.
Kubo bonke esesihlangene nabo kula masonto ambalwa edlule kuhlaluka ukuthi bazimisele ukufaka igxalaba ukuze siyinqobe le mpi - kusukela kubaphathi bamabandla, abaholi bomdabu, abelaphi bendabuko, abemboni yamatekisi, abezibhedlela ezizimele, izinyunyana zabasebenzi nabacoshela izindaba.
Kuyathokozisa nokubona abamabhizinisi adayisa iziphuzo zabadala, abajwayele ukuvakashelwa yizindimbane zamakhasimende, bewulalela umyalelo wokusheshe bavale, ukuze kwehle ukuthelelana ngaleli gciwane.
Siyazi ukuthi lesi akusona isinqumo esilula ngoba sibashaya. Iqiniso wukuthi uma singashintshi ukwenza kuzolahleka imiphefumulo.
Lo moya wokubambisana esiwubonayo ufakazela esihlale sikusho ukuthi ayikho impi uhulumeni angayinqoba eyedwa, ngaphandle kokubambisana nezinye izinhlaka zomphakathi.
NgoMashi 25, bonke ongqongqoshe bazobe bephume ngobuningi babo, begasele ezifundeni lapho bewoshampeni khona, ngaphansi kohlelo luka-Operation Sukuma Sakhe, ukuyokhuluma nomphakathi mayelana neCoronavirus. Le mihlangano ayizukuba nabantu abangaphezu kuka-100.
Kufanele omunye nomunye kithina aqale ashintshe ukwenza manje.
Kukhulu ongakuzuza ngokuzijwayeza imikhuba embalwa nje emihle ebukeka imincane kodwa engenza omkhulu umehluko, njengokuthi:
· Umboze umlomo noma ikhala ngendololwane (ufingqe ingalo) uma ukhwehlela noma uthimula. Ungavimba nangethishu, bese uyilahla lapho ingeke itholwe womunye.
· Kubalulekile ukuqhela kwabanye abantu okungenani ngegxathu nesigamu (1.5m) ukuze bangatheleleki.
· Geza izandla ngamanzi nensipho okungenani imizuzwana ewu-20 emanzini ahambayo uma ungena ekhaya noma ebhilidini; ngaphambi kokudla; noma uma uphuma endlini encane. Uma kungenzeka, thola isibulala-magciwane.
· Gwema ukuthinta itafula, isihlalo, udonga, isibambo sesicabha, ikhabethe noma udonga olunaleli gciwane bese uthinta umlomo, ikhala noma amehlo, ngoba ingangena kalula kanjalo iCoronavirus.
· Akuphele ukwabelana ngokudla nangamapuleti nezipuni; nokusebenzisa iziphuzo ngebhodlela elilodwa, nokwabelana ngogwayi ngoba amathe ayabambelela kuwo.
Siyababonga abamabandla asebevumile ukuvala izinkonzo zePhasika, bakhonzele ekhaya, noma kwiTV.
Sicela labo abazoba nezinkonzo ezincane, abasebenzisa ama-microphone emabandleni, nabasakazi, baqikelele ukuthi bayawesula noma basebenzise amagilavu uma bewathinta ngoba nawo angaba yisidleke samathe aneCoronavirus.
Sifisa nokuqondisa izinkoleloze ezikhulunywa abantu abathile mayelana naleli gciwane ukuze isizwe singaduki: Akulona iqiniso ukuthi iCoronavirus ayibahlaseli abantu abamnyama. Ayikhethi bala; ihlasela noma wubani osondelana nayo.
Akulona iqiniso ukuthi iCoronavirus iyaphela uma umuntu ethamela ilanga, noma ehlala endaweni eshisa kakhulu.
Akulona iqiniso ukuthi ugologo, noma ezinye izinhlobo zotshwala ziyayelapha iCoronavirus. Uma singasheshe sikhohlwe yila mampunge, senze lokho okufanele sizosondela ekuziqhelelaniseni negciwane.
Akuyena wonke umuntu onomkhuhlane oneCoronavirus. Isiqiniseko sokuthi uneCoronavirus noma cha usithola emva kokuthi kuthathwe isampula noma uketshezi ekhaleni (swab) luyohlolwa e-laboratory.
Uma uzizwa unomkhuhlane onamandla ngokungajwayelekile, ukhwehlela, uphefumula kanzima, uphethwe yikhanda, kubuhlungu umphimbo namamasela, noma uke wasondelana nomuntu oseke wahlolwa kwatholakala ukuthi unayo iCoronavirus, vakashela umtholampilo ongasekhaya ukuze uxilongwe abezempilo.
Bazokubuza imibuzo mayelana nomlando wakho wakamuva, kuthathwe isampula, uyiswe esibhedlela lapho uzobekwa khona wedwa kusalindwe imiphumela.
Labo abanendawo eyanele ekhaya bazocelwa ukuba bazigqume ekhaya ngesikhathi kusalindwe imiphumela. Uma imiphumela iveza ukuthi likhona igciwane, uzobe usuthathwa yi-ambulensi eyisipesheli, uyiswe esibhedlela esikhethekile, nesikulungele ukubhekana nabantu abaneCoronavirus.
Sidlulisa ukubonga kubo bonke abasebenzi bezempilo ngesibindi ngomdlandla abawukhombisayo. Bayinsika ekulweni nalolu bhubhane. Sinxusa umphakathi ukuthi ungabakhiphi inyumbazana labo abangase batholwe beneCoronavirus, kanjalo nalabo ababahlengayo. Lesi yisikhathi sokuthi sibambane ngezandla.
Shayela inombolo yamahhala ethi: 0800 029 999 ukuze uthole eminye imininingwane.
* UNomagugu Simelane-Zulu unguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.