MHLELI: Ngihlala eTshelimnyama esigcemeni saseDabe. Sikhathazekile ngenxa yokuhanjelwa wugesi njalo. Alipheli isonto ungahambile ugesi kodwa sibe sinalo ulwazi lokuthi akuyona i-load shedding.
Ngibika mihla namalanga kuMasipala weTheku. Yebo baye bawulungise kodwa kuke kwaba nesikhathi lapho uhambe izinsuku ezimbili zilandelana futhi awunqeni ukuthi uhambe ebusuku.
Sivuka ekuseni uma siya emsebenzini ungasekho. Silekeleleni ngoba le nto icacela noma wubani ukuthi inkinga ikuphi. Lapha kunendawo esanda kuvulwa ngabantu okuthiwa yiseHlathini.
Abantu bakhona banogesi kodwa asikaze sibone kwengezwa iziphehli zikagesi ukubhekelela phela eminye imizi nayo edinga ukuphakelwa ugesi. Ngakho-ke thina sesizithola sihanjelwa wugesi ngenxa yabantu basehlathini, ekubeni umkhandlu ubavumelile bangena.
Siyacela singabakhokhi bentela, siyizakhamuzi zaseTshelimnyama ukuthi asingahlukumezeki ngenxa yabantu abancela ugesi ngokungemthetho bese sithelwa amachapazelo. Besingathokoza uma kunganohlelo lokukhishwa abantu abazinyoka nyoka kwiziphehli ezisiphakela ugesi. Ngiyazi ngizoba mubi kubantu baseHlathini kodwa iqiniso limile, le nto ibingekho bengakakhi lapha.
SNJ Madlala