AKE siyikhulume le ndaba yotshwala ezweni ngoba ukuyiziba kungasho ukuthi siphila amanga. Izinga lokucwila ezinkambeni zikaFaro selisemzileni kathelawayeka emiphakathini yethu.
Ngiqonde ukuthi kwabahabulayo akusekhona ukuthi bathi qhabu basuse amahloni, amasica asemfimfithwa ngesivinini esesabekayo.
Impi enkulu nebatshazwayo manje eyobugebengu esimweni lapho imindeni eminingi ihaqwe yinkemane. Ubugebengu engikhuluma ngabo yilobu obunodlame lapho ukukhishwa komphefumulo womuntu sekushibhe ngendlela yokuthi nontembuzane bazithola sebephenduka imidlambila ekhomba oyise nonina ngezibhamu. Eduze kwalokho kunesihlava sezidakamizwa esesiphehle izingane nabadala ngokulinganayo baba yimvuthu.
Yilezi izinselelo ezisematheni nezixaka iziphathimandla zezwe njengamanje. Kodwa kukhona lo mswenya osuqalile udla fumuka udle silaza. Lo maseceza ogunda izimpande zobuntu ugadla kwabadla izambane likapondo, ubhubhise kwabasebubheni, uyisikhonyane entsheni nakwabesifazane ngokufanayo.
Kakusaphuzwa umshoshaphansi nakubashumayeli bevangeli, kubefundisi nababhishobhi kuyefana, komama bamabhantshi nabakhokheli emabandleni - kubo bonke laba umfula wamadancu udla izindwani.
Uyabona uma ufuna ukwazi ukuthi umuntu usenganyelwa kangakanani yinkinga thizeni, thinta isihloko sayo uzohleka. Kangiyena ungoti kulokhu, cishe abaqeqeshiwe ngokusebenza komqondo womuntu bangasitshela kangcono. Emabandleni abefundisi bayazi ukuthi uma beke bashumayela ngotshwala kusuka igidigidi emakholweni. Elani na igidigidi, yingoba kunomuzwa abawufihlayo. Uma uhlokoloza isihloko sokuphinga kithina bantu, kuthi ngqoklo uhleko ngoba lezi zinkinga zisibekele impilo yethu, ngaleyo ndlela sizama ukuzihleka uma zikhulunywa lapho sizifihla khona.
Angiphume kokuningi. Ezinsukwini ngilalele umsakazo wesilungu lapho bekunentokazi esanda kushicilela incwadi ngenkinga yophuzo oludakayo. Iphawule ngokuthi iningi lethu liye likholelwe ekutheni alikabi yizidakwa noma izigqila zamankwebevu uma nje sisavuka senzele izingane zethu ukudla, siziyise esikoleni, siye emsebenzini singabi nankinga yokuphazamisa impilo. Lolu hlobo lomuntu ulubize ngesiNgisi wathi yi-"functioning alcoholic".
Le ndaba uyibhekise kakhulu kulaba abacabanga ukuthi abafani nesidakwa okuba wukuvuka nje sicabange "kwaMam'uyingichaza". Le ntokazi ithi iminyaka eminingi ibizisebenzela futhi ingaswele lutho kodwa manje isiyabona ukuthi 'ibibuhlehlisa' sterek utshwala ngoba le micimbi ebiyihlela nsuku zaphuma yayiphela ngokuthi yehlise ngebhodlela nabangani. Bekuba njalo, ngokusho kwale ntokazi, nangezimpelasonto lapho ibihlela nabangani bayo bangqengetheke ngezimoto zabo eziphambili.
Lena yindlela esiyiphilayo. Indlela yeningi lethu iqala ebhodlelasitolo, lapho kubuthwa khona yonke inhlobo yeziphuzo kugcwale ama-coolerbox 'kuyopholwa'. Kokunye sisuke siya emishadweni, emingcwabeni nakweminye imicimbi okukhona kuyo neyamasonto imbala. Injongo enkulu akusekhona ukuyokweseka abashonelwe noma ukuyoba yingxenye yomshado. Siqala kuwo amabhuthi, bese sithi thiye ngezibuko ezimnyama ukuze sibe 'yikilasi' kanti sisitha ukuklwela kwamaqaphelo.
Ngaso sonke isikhathi abafowethu nodadewethu bayageza, bagcobe babe bahle lokhu okudida izesheli ekuseni ngezimpelasonto. Yibo labaya beyodlula ebhodlelasitolo, beyolayisha abakuthengayo emabhuthini, kusuke amaphepha.
Ngilalele le ndaba ngivele ngabuyelwa wumuzwa wokuthi uyazi le nto ethamundwa yilo mbhali iyimpilo eyimfashini esizukulwaneni esikuso. Shiya indaba yezidakwa eziqothulwa yisishimeyane ezipotini ko'Mam'uyingichaza'. Ngisho thina esizitshela ukuthi singcono. Lezi zitolo ezincikene namasuphamakethe egilosa yizona zipoti zesimanje. Uma ungakaze unake ubothi lungu kuzo ubone isimanga. Imihlobiso emabhodleleni otshwala idida unwabu.
Futhi kwahamba kwahamba babona abakhiqizi nabadayisi balezi ziphuzo ukuthi lokhu kubaba kotshwala kubaxoshela amakhasimende anolimi oluthanda ukunambitha okusashukela - bathaka ngoshukela, bengeza ngamakha nemibala. Manje iminyango yalezi zipoti ezihlotshisiwe siyibanga nomakoti bethu, abalobokazi, izingane zethu, omkhulu nogogo, omesisi abagodle izimaku, abefundisi nabashumayeli nomama Mfundisi, ngingabala ngithini?
Bathi-ke abazi izibalo eNingizimu Afrika siyizinkolotsha ngokugonxa amalitha angu-4.5 billion otshwala ngonyaka. Amalitha angu-30 otshwala kumuntu nomuntu ophuzayo ngonyaka lawo, okwenza izwe lethu likleliswe kwayisihlanu okuphuzwa kakhulu kuwo emhlabeni. Uma lezi zibalo zingenzi umqondo kangako kuwe, izibalo ezikhishwe ngoJanuwari ziveza ukuthi ngesikhathi sikaKhisimusi kwabe sekuthengwe utshwala obubalelwa ku-R8 billion ezweni lethu. Kwathi kudlula uNyuye abathengi botshwala behlangene babe sebekhokhe R17 billion egameni lokuthi bafuna ukuzijabulisa.
Ngabe sesikhrayiseke ngalelo zinga bakwethu? Okunjani lokhu kujabula okungaka esikucinga emankwebevini?
Asazi-ke noma iziphathimandla ziyasiziba isikhonyane esiqoba ubuntu ngenxa yokuthi inkulu imali echathazwa wutshwala esigujini somnotho kuleli. Kodwa iqiniso lithi sezimbalwa kakhulu izizukulwane ngaphambi kokuba siqale sibale izinkubela zotshwala. Zivele ziyasho izibalo ukuthi eNingizimu Afrika bangu-62 000 abantu abalahlekelwa yimiphefumulo yabo ngonyaka lapho isizathu nembangela kusuke kuwutshwala. Ungabala izingozi zezimoto emgwaqweni lapha, ubale izingxabano eziphela ngokubulalana, uphinde ubale nokugula okubangwa nokubhebhezelwa wuphuzo oludakayo.
Iyadingeka imikhankaso eveza ububi botshwala. Kumanje imikhankaso enamandla yile ekhangisa uphuzo oludakayo njengemfashini nokuba sezintweni, lapho ngisho ozime bethushuka bemamatheka namabhodlela akhiwe kahle kwithelevishini bencoma utshwala. Osaziwayo bezemidlalo abayizibuko entsheni yibo ongqa phambili ekukhangiseni ubumnandi botshwala.
Kule mpelasonto nje sihlangene ngebhola. Yebo, baningi abazojabulela iqembu labo elizowina iNedbank Cup kusasa, kodwa iqiniso lithi abanqobi abakhulu ngalo mdlalo wamanqamu ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abaphisi botshwala. Yibo abazongqabashiya nezigidi bebheke emabhange ngemuva kokuhlomula edilini lebhola.
Ngiyaphinda ngithi asiyikhulume eyomdlavuza wotshwala. Lolu fuduko olubheke emabhodlelasitolo ngezimpelasonto luzosiphundla sisefeke, abazukulu bethu bezwe ngendaba ukuthi kwakunoyisemkhulu owavithizwa umashoviyithwana.