AKE siyikhulume le ndaba yotshwala. Ukuyiziba kungasho ukuthi siphila amanga. Izinga lokucwila ezinkambeni zikaFaro selisemzileni kathelawayeka emiphakathini yethu.
Ngisho ukuthi kwabahabulayo, akusekhona ukuthi bathi qhabu basuse amahloni, amasica asenkintshwa ngesivinini esesabekayo. Inkulu im,pi egubuzele isizwe yobugebengu esimweni lapho imindeni eminingi ihaqwe yinkemane. Ubugebengu engikhuluma ngabo yilobu obunodlame lapho ukukhishwa komphefumulo womuntu sekushibhe ngendlela exakile.
Kuphinde kube nesihlava sezidakamizwa esesiphehle izingane nabadala ngokulinganayo baba yimvuthu. Yilezi izinselelo ezisematheni nezixaka iziphathimandla njengamanje. Kodwa kukhona lo mswenya onganakiwe osuqalile udla fumuka udle silaza. Lo maseceza ogunda izimpande zobuntu ugadla kwabadla izambane likapondo, ubhubhise kwabasebubheni, uyisikhonyane entsheni nakwabesifazane.
Akusaphuzwa umshoshaphansi nakubaphathi bevangeli, kubefundisi nababhishobhi, komama bamabhantshi, omama Mfundisi nabakhokheli - kubo bonke umfula wamadancu udla izindwani.
Kangiyena ungoti kulokhu, cishe abaqeqeshiwe ngokusebenza komqondo womuntu bangasitshela kangcono. Ubonaka nxa abahumayelayo beke bathinta eyotshwala - kusuka igidigidi emakholweni. Lelo gidigidi luphawu lukathashi. Uma uhlokoloza isihloko sokuphinga kithina bantu, kuthi ngqoklo uhleko. Yini na, unembeza.
Ngisesihlokweni samankwebevu: Ezinsukwini emsakazwehi wesilungu bekunentokazi esanda kushicilela incwadi ngenkinga yophuzo oludakayo. Iphawule ngokuthi iningi lethu liye likholelwe ekutheni alikabi yizigqila zamankwebevu uma nje sisavuka senzele izingane zethu ukudla, siziyise esikoleni, siye emsebenzini singabi nankinga yokuphazamisa impilo. Lesi ndlela yokuphuza uqhubeke nempilo uyibize ngokuba yi"functioning alcoholic", okusho ukuthi uyisidakwa kodwa uyaqhubeka nempilo ejwayelekile.
Le ndaba uyibhekise kakhulu kulaba abacabanga ukuthi abafani nesidakwa okuba ukuvuka nje sicabange "kwaMam'uyingichaza". Le ntokazi ithi iminyaka eminingi ibizisebenzela futhi ingaswele lutho kodwa manje isiyabona ukuthi 'ibibuhlehlisa' sterek utshwala ngoba le micimbi ebiyihlela nsuku zaphuma yayiphela ngokuthi yehlise ngebhodlela nabangani.
Bekuba njalo, ngokusho kwale ntokazi, nangezimpelasonto lapho isuke ithi yehlisa i-stress, isikwazi nokuziphuzela ihleli yodwa.
Le ndaba ayithamundayo lo mlobi iyimfashini esizukulwaneni esikuso. Shiya indaba yezidakwa eziqothulwa yisishimeyane emathaveni. Ngisho thina esizitshela ukuthi singcono. Indlela yeningi iqala ebhodlelasitolo ngezimpelasonto, lapho kubuthwa yonke inhlobo yeziphuzo kugcwale ama-coolerbox 'kuyopholwa'. Kokunye kusuke kuyiwa emishadweni, emingcwabeni neminye imicimbi okukhona kuyo neyamasonto imbala. Sivuka sigeze, sigcobe, siqhole sibe bahle kumanyazele neziqhoma, bheka!
Lezi zitolo ezincikene namasuphamakethe egilosa yizona zipoti zesimanje. Uma ungakaze uzinake ubothi lungu kuzo, ubone isimanga. Imihlobiso emabhodleleni otshwala idida unwabu. Sebabona futhi abakhiqizi nabadayisi beziphuzo ukuthi ukubaba kotshwala kubashodisela ngamakhasimende anolimi oluthanda ukunambitha okusashukela - bathaka ngoshukela, bathi fa amakha, bathi fahla nemibala.
Manje iminyango yalezi zipoti zesimanje siyibanga nomakoti bethu, nodado webuya, amaxhegu nezaluka, omesisi bezimaku, nezinceku ezingabaphathiswa bemfihlakalo yezulu, ngingabala ngithini.
Izibalo eNingizimu Afrika zithi siminya amalitha angu-4.5 billion otshwala ngonyaka. Amalitha angu-30 otshwala kumuntu nomuntu ophuzayo ngonyaka lawo, okwenza izwe lezwe likleliswe kwayisihlanu okuphuzwa kakhulu kuwo emhlabeni. Ezikhishwe ngoJanuwari ziveza ukuthi ngesikhathi sikaKhisimusi kwabe sekuthengwe utshwala obudle R8 billion ezweni. Kwathi kudlula uNyuye abathengi botshwala babe sebekhokhe R17 billion egameni lokufuna ukuzijabulisa.
Kusho ukuthi sesikhrayiseke ngalelo zinga bakwethu? Okunjani lokhu kujabula okungaka esikucinga emankwebevini?
Sithule isikhonyane siqoba abantu. Akusekude ngaphambi kokuba siqale sibale izinkubela zotshwala. Zivele ziyasho izibalo ukuthi bangu-62 000 abantu kuleli abalahlekelwa yimiphefumulo ngonyaka lapho imbangela kusuke kuwutshwala. Ungabala izingozi zezimoto emgwaqeni, izingxabano eziphela ngokubulalana, nokugula okubangwa uphuzo oludakayo.
Iyadingeka imikhankaso eveza ububi botshwala. Okusemandla kumanje yimikhankaso ekhangisa uphuzo oludakayo njengento ekufaka ezintweni, lapho namathunduluka ozime ethushuka emamatheka namabhodlela adiyiwe, bencoma utshwala.
Osaziwayo abayizibuko entsheni bangongqaphambili ekukhangiseni ubumnandi botshwala. Kule mpelasonto nje sihlangene ngebhola. Yebo, baningi abazojabulela iqembu labo elizowina iNedbank Cup kodwa iqiniso ukuthi abanqobi abakhulu ngalo mdlalo wamanqamu ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abaphisi botshwala.
Asiyikhulume eyomdlavuza wotshwala. Ufuduko oluphuma lungena emabhodlelasitolo luzosiphundla sibe yizisefo.