MHLELI: Asibongele i-ANC KwaZulu-Natal ngokuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi engabanga nobuhixihixi. IsiZulu sithi into enhle kumele inconywe futhi ishayelwe ihlombe. Kulokhu, iqembu elibusayo likhombise ukuvuthwa nokukwazi ukubekezelelana.
Angeke sayiphika indaba yamaqembuqembu aphilayo ngaphakathi enhlanganweni, vele lokhu inkinga ebhekene nawo wonke amaqembu kuleli lizwe. Kwi-ANC kucaca kakhulu ngoba sonke sibheke yona njengeqembu elibusayo. Ubuqembuqembu buyalibulala iqembu futhi kwenza kubenzima ukuthi imiphakathi ilethelwe izidingo ngendlela efanele.
Ngijabule uma lowo oqokelwe isikhundla sokuba ngusihlalo weqembu, uMnuz uSiboniso Duma, eluthinta lolu daba ngoba yilo olwenza uhulumeni angasebenzi kahle.
Ngokwami, i-ANC ikhethe kahle uma iqoka umholi osemusha njengoDuma. Uzokwazi ukuheha intsha ibuyele eqenjini nokujika ubuso be-ANC ebisibonakala kwiyiqembu lamakhehla. Le nsizwa siyayazi kwezepolitiki iseyisitshudeni eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ophikweni oluseMgungundlovu, ngesikhathi kusaphethe lowo owayengumengameli wezwe, uMnuz uNelson Mandela.
Ngaleso sikhathi isikhungo sasisagcwele abelungu ababengalufuni ushintsho. Bayazi ababefunda khona ukuthi uDuma wayeba ubhojobhojo uma kunemibhikisho, engahlehleli emumva. Izitshudeni uma zifuna okuthile zazikuthola, kanti abelungu babemiswa ngamanzonzwane.
Ngikhumbula omunye umbhikisho abake bawuhola wezitshudeni behambisana nabanye abaholi beSouth African Students Congress (Sasco) engingabala kuwo lowo owayengumengameli weSRC khona enyuvesi, uMnuz Zweli Hulane, behamba bechitha amaphalishi emigwaqweni, bekhalazela ukudla esasinikwa kona.
Nasebholeni lamaqembu ezitshudeni uDuma wayekhombisa amava okuba ngumholi. Le nsizwa izalwe nayo le nto yobuholi. Ngiyamethemba ukuthi uDuma uzokwazi ukuphaphamisa abaholi beqembu ababonakala sebekhohliwe ukuthi bayizisebenzi zemiphakathi ebakhethile. Simfisela inhlanhla nempumelelo kulo msebenzi anikwe wona. UNkulunkulu ambheke enze okufunwa ngabantu, hhayi okuthandwa nguye.
Mahlafuna Mkhize
NEWLANDS WEST