MHLELI: Angazi noma le nto ibonwa yimi ngedwa yini? Nangu uNgqongqoshe uBheki Cele ubonakala ezibambela umsebenzi engazuthi akukho zikhulu lapha emnyangweni wakhe. Lokhu ngicabanga ukuthi sekuyinto esijwayelekile ukuthi ukhomishana wamaphouyisa engayiqedi ithemu yakhe njengoba kufanele. Mangikhulume nganakhu okusanda kwenzeka.
ObenguKhomishana wamaphoyia kuzwelonke uKhehla Sitole ufakwe amasondo. Lokho phela yingoba wakuveza uNdosi ukuthi bekungekho ukusebenzisana phakathi kwabo. Ngakho kwase kuba nezincomo zokuthi ibhantshi maligcwale umoya kuMondise. Mina lapha ngibona uMengameli Cyril Ramaphosa engumuntu, ongazange abe neqiniso. Phela akuthi uma izingane zakho zilwa ekhaya wena bese uphuma iqhubu neyodwa. Okulindelekile wukuthi kumele uzwe zonke izinhlangothi futhi ungathathi hlangothi. Makungabi khona obanjwa ngophondo. URamaphosa kwakumele ezwe nohlangothi lukababa uSitole. Yena wachema isidana noNdosi.
Ngiye ngizwe bemncoma ubaba uCele bethi uyasebenza. Mina ngibona indlela asebenza ngayo inganywe futhi ibuswa wulaka, imizwa nobushinga. Ubuphoysia lobu yena ububuyisela ezikhathini zobandlululo. Ngezikhathi zobandlululo amaphoyisa kwakuyiSouth African Police Force. Lokho okusho ukuthi kwakusemthemtheweni ukuthi amaphoyoyisa asebenzise indlakadla.
Uhulumeni wentando yabantu ubuphoyisa wabuphucula kwase kuba yiSouth African Police Service. Zolo lokho uNdosi usebenzise amandla akhe kabi ngokuthi aphake amaphoyisa ekutheni ahlukumeze umphakathi. Yini njalo bekuyiyo le ndaba yekhovithi. Uma sekudingeka ukuba amaphoyisa avikele umlutho lutho useyawagodla. Engikushoyo lapha wukuthi uNdosi makadedele ukhomishana enze umsebenzi wakhe. Yena uNdosi udinga ukubikelwa ngobugebengu. Make ngithathe uNgqongqoshe wezeMfundo, kungaba njani uma ehambela zonke izikole engena ikilasi nekilasi efundisa? Kungaba yini umsebenzi wothisha uma ezibambela?
Kubo bonke ongqongqoshe nguNdosi kuphela oveza ukukhuthala ngokuthi engqibe lowo ophathiswe leso sikhundla kube sengathi akekho futhi akasebenzi. Ubaba uSithole into ebiyinhle ngaye wukuthi yena ube yiphoyisa impilo yakhe yonke. Ngakho umsebenzi wamaphoyisa uwazi njengoba ezazi. Kungafani nobaba uNdosi ongakaze ngisho nakancane waba yiphoyisa kodwa kunalokho manje uqonela abawuqeqeshelwe lo msebenzi futhi abanolwazi lomsebenzi.
Umengameli akumele afake noma aqoke abantu ngoba nakhu kungokhomredi. Uthole ukuthi akanalwazi ngisho oluncane lwalowo mnyango aphathiswe wona. Naye uRamaphosa makayibheke kahlehle le nkuthalo, ekuthenini isahamba ngayo inqubo yobuphoyisa noma cha. Uma kungenjalo naye lo khomishana osanda kungena alukho uzinzo.
Yisemkhulu Nzimande
EPORT SHEPSTONE