Mhleli: Ngikhathazwa yilo mnumzane olokhu ebhala ephephandabeni ethi ungowaseBuhleni kodwa uhlala ekhala ngokuthi umholi wethu esimthandayo uNyazilwezulu akaziphathi kahle izinkinga zebandla.
Cha, mfowethu, uyaphosisa uma uthi ungowaseBuhleni. Abantu abasele eBuhleni basele khona ngoba bethanda futhi bekholelwa oNyazini olungadinge kwehlulelwa yizinkantolo olubonakale ngemisebenzi emikhulu eyayenziwa uBhombela.
Mina ngithi kuwe hlukana nokuzama ukudukisa amaNazaretha ngezinkanuko zenu. Thina sakhetha uNyazi singaphoqiwe, ngakho-ke nani qhubekani lapho nikholelwa khona nihlukane nobaba.
Okunye okumele nikwazi wukuthi eBuhleni wumuzi weNyangayezulu eyawakhela izingane zayo. Nina okumele nikwenze wukuhamba niyobanga umuzi wasekuPhakameni lapho obaba benu baxosha khona iNyangayezulu.
Kufanele nazi ukuthi akuwona umuzi waseBuhleni owenza izimanga kepha wuShembe. UNyazilwezulu lwasukumisa iNdiya eBalitto liyothenga imoto luziswenkele. Siyekeni silandele umholi niyeke ukulokhu nithi nikhathazekile nidlala amacebo la.
Gumede
Mtunzini