MHLELI: Njengoba ususemome uNovemba 1, zonke izinhlangano sizibona zingena ziphuma emizini yabantu. Ngithi-ke mina mfo kaNongalo lokhu enikwenzayo baphathi namalungu ezinhlaka zezinhlangano kuhle futhi kuyancomeka. Sengathi singanibona nangemuva kwalo futhi ukhetho.
Kuyajabulisa ukubona nezinhlangano zepolitiki ezincane, ezingamavukane, zingenela ukhetho, kuchaza ngokusobala ukuthi uKhongolose uyisibonelo esihle. Phela izinto ezinhle sizibonela kwabadala. Kuhle lokhu enikwenzayo. Into enhle iyanconywa. Kodwa hhayi ngokugxeka isoka entombini. Uma uyinsizwa yakwenu weshela intombi lapho uzwa ufikelwa umuzwa wokukhuluma ngebheshu, kuye kube kuhle ukhulume ngelakho, hhayi elembangi. Manje nina lokhu enikwenzayo kuyini, futhi kubizwa ngasilwane sini?
Inhlangano ebusayo kuseyiyona kuphela esiyaziyo ebuyisela okwabantu kubantu. Njengoba uKhongolose wakhela abantu izindlu, amanzi ahlanzekile emakhaya, ugesi, imfundo yamahhala, kanti yikhona kuphi lokhu enikufunayo? Nakithi lapho kungakafiki konke kodwa okunye siyakubona. Akuveli kanyekanye kungemadlebe embongolo. Niyaxaka-ke uma sekuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya ngoba niphenduka izimpumputhe.
Yebo, ngiyavuma sizobe sivotela ukhetho lohulumeni basekhaya, noma nje nakhona izabelomali zemikhandlu yakithi zingengakanani ukwenelisa ngendlela efanele amawadi esikuwo ngohlelo lukaQedindlala, kodwa-ke ucezu lwesinkwa lungcono kakhulu.
Kubo bonke ababhalisile nabazobe beqala ukuvota, ngithi ninenhlanhla nina ngoba nikhule abazali benu beniholela isibonelelo sabantwana, nifunda mahhala futhi nidla nokudla kwamahhala ezikoleni zikahulumeni. Khona manje abanye benu sebehola nemali yabangatohozi, into ebingaziwa emlandweni. Konke lokhu engikubalule ngenhla kukhona njalo ngenxa yenhlangano yesizwe, uKhongolose, esikhonjwa ngeminwe namuhla.
Sengiphetha, bafundi bephephandaba elihamba phambili ngithi ngoNovemba 1, asihambe siyovotela inhlangano yentando yabantu enomlando omuhle i-ANC. Lokho kuyobe kungahlukene nokuthatha isigqebhezana sokungena eKhanana, izwe lobisi noju lwezinyosi.
Nami bengisika nje elijikayo kwingosi yemibono. Yobe kakhulu kwabangahambisani nombono wami kodwa ngithi ungcono uSathane omjwayele kunoNkulunkulu ongamazi.
Sakhile ’Kentucky’ Msweli
EJOZINI