MHLELI: Ngihlala ebaThenjini eManseleni, esigodini esingaphansi kukaMasipala i-Alfred Duma, eMnambithi. Bayafa abantu, iyashiswa imizi - eminingi futhi iyathutha.
Sinobuholi bendawo obuhlanganisa inkosi, induna negosa esigodini kepha bukhombisa ukungasikhathaleli thina siwumphakathi wendawo. Kufanele ngabe sebedingide nabantu ukuze kube nesisombululo ngalokhu kuqhuma kwesibhamu esiqeda abantu kodwa abakwenzi lokho.
Umphakathi ukholelwa ekutheni kumele kuxoxiswane ukuze kungayi phambili ukudutshulwa kwabantu. Inkosi, induna negosa abazihluphi ngokubizela umphakathi ezingxoxweni.
Amaphoyisa asesiteshini esiseWeenen, aqoqa izidumbu kwaphela nje, awaphenyi lutho futhi awabophi muntu. Umphakathi uhlalele ovalweni ngoba awazi ukuthi ngubani ozolandela.
Ngaphansi kwelungelo lokuphila nelokuvikelwa wuhulumeni, siyasicela kutholakale isisombululo kulesi simo esinobungozi.
Okhathazekileyo
ebaThenjini
EMANSELENI