Nathi uqobo indlela esizoziphatha ngayo kusukela kusasa kuya phambili izokhombisa ukuthi siya phambili noma sisebenzela emuva.
Umphathi wezwe uMengameli Cyril Ramaphosa, ukwenzile okufanele wasihlalisa emakhaya ngesikhathi ebona inkinga iqala.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize, ulibambile iqhaza wasifundisa futhi wasitshela ngokumele sikwenze ukuze sinqande ukubhebhetheka kwalesi sifo futhi siphephe. Yize kunjalo, abantu ababalulekile nokuyibona abaphethe ukhiye wokuthi siphephe kulolu bhubhane, yithina uqobo siwumphakathi waseNingizimu Afrika.
Phakathi kwezinto ezizovumeleka kusukela kusasa wukuthengwa kwamanzi amponjwana, okungenye yezinto ebekukhalwa ngayo kakhulu ukuthi azivumeleke ukuze abantu bahlale emakhaya beneme. Kuzocaca manje ukuthi sizokwazi yini ukukwenza lokhu njengoba besethembisa. Yisikhathi sokuthi umphakathi wakuleli ubonakalise ukuthi awudingi ukweluswa nguMnuz Bheki Cele onguNgqongqoshe wamaPhoyisa.
Yisikhathi sokubonakalisa ukubambisana nokufuna inqubekela phambili ukuze wonke umuntu abuyele emsebenzini aphinde axoshe ikati eziko. Umnotho wethu uyafadalala kakhulu.
Silobe isibalo sabahaqwe yilesi sifo eNingizimu Afrika sesifinyelele ku-29 240 njengoba sekuhlolwe abantu abangu-680 175 kanti abashonile bangu-611.
Yize izinombolo zimi kanjena kubalulekile ukuthi sibuke izibalo zabasindile njengoba bengu-15 093 okusho ukuthi balinganiselwa ku-52.4% wabebegula. (Izibalo ziyashintshashintsha usuku nosuku).
Lokhu kwenza ngibe nethemba lokuthi lesi sifo singanqotshwa. Kwenza nokuthi ngiwushayele ihlombe uMnyango wezeMpilo kuzwelonke ngokuzinikela kwabasebenzi bawo.
Omunye umsebenzi omkhulu uhleli emahlombe ezintatheli, abasakazi nabathaki bezindaba kwethelevishini nasemaphephandabeni nakwezinye izinhlaka zokusakaza.
Ngeke sikhohlwe yizinkundla zokuxhumana ngezobuchwepheshe nokuyiyona ndlela yesimanje lapho sithola khona izindaba ngokushesha. Okubalulekile lapha wukuqinisekisa imibiko ngaphambi kokuyikhipha siyisakaze emphakathini.
Konke esikufundayo nesikuzwayo sikuthatha njengeqiniso, ngakho kubalulekile ukungajahi ukwenza izinqumo noma ukutshela amalungu omphakathi izindaba singalandelile imigudu efanele.
Nizokhumbula ukuthi kwenzekeni ngomsakazi ophumele obala ngokuthi uhaqwe yisifo iCovid-19 kuleli sonto kodwa le mibiko ibuye yahoxiswa sekutholakale ukuthi kwenzeke iphutha ngenkathi ehlolwa.
Kumele sikhumbule ukuthi uma umbiko usuphumile, kuba nzima ukuwunqanda uma ungelona iqiniso. Noma sinemibuzo eminingi ukuthi imiphumela yokuhlowa yalo msakazi iphambaniseke kanjani, siyakujabulela ukuthi ungumqemane lapho ekhona.
Sifisela abantwana bakaGrade 7 no-12 nothisha babo ukuphepha njengoba bephindela esikoleni kusasa.
Bangakhohlwa wukuzigada, bahlanze izandla, bagqoke izifonyo bangathintathintani ukuze babalekele isifo iCovid-19.
* - UPhindile Zulu uyiPublic Relations Specialist nePublic Facilitation Consultant. [email protected]