UMLILO wequbula ushiye kukhalwa eCalifornia, e-United States of America (USA). Uzamcolo udale izikhukhula ezishiye abantu besele dengwane, bekhungathekile eKhartoum, eSudan. Nyakenye, isishingishane u-Idai sona sidale umonakalo obalelwa ezigidigidini zamaRandi eMozambique, Malawi naseZimbabwe - sadlula nemiphefumulo engale kwenkulungwane yabantu. Nalapha KwaZulu-Natal, sabona umphezulu uqotha abantu eMkhuze naseMkhanyakude nezikhukhula ziwisa imizi, zigegebula nemigwaqo eThekwini namaphethelo.
Lezi zehlakalo zenzeka ezindaweni ezahlukene emhlabeni kodwa kukhona ukuhlobana ngendlela ezenzeka ngayo.
Lezi zimo zidalwa wukuguquka kwesimo sezulu okuhambisana nesivuvu jikelele okuhlasele umhlaba.
Ukuguquguquka kwesimo sezulu kuza nezinselelo eziningi emhlabeni jikelele ngokunjalo naseNingizimu Afrika, ikakhulukazi KwaZulu-Natal.
Yikuphi esingakwenza ukugwema noma ukudambisa umonakalo odalwa ngukuguquguquka kwesimo sezulu?
Sidinga amasosha namabutho asemancane azohamba ezinyathelweni zeqhawekazi laseKenya elingasekho emhlabeni, uSolwazi Wangari Maathai, elaba ngowesifazane wokuqala ukuhlabana ngendondo yeNobel Peace ngokunakekela kwalo imvelo, ligqugquzela abantu baseKenya ukuthi batshale izihlahla ukvikela imvelo.
Emukela indondo yeNobel Peace ngo-2004, uSolwazi Maathai wathi: “Umsebenzi wethu wukugqugquzela abantu ukuthi banakekele imvelo, okuyiyo elawula impilo nekusasa labo.”
Intsha iyikusasa lomhlaba nezwe lethu. Ikusasa lezwe nomhlaba lihlezi lubhojozi ngenxa yokushisa okwedlulele, okulimaza izitshalo kudaleke indlala; izimvula ezilimaza kwasani ngenxa yokudlanga kwesivuvu jikelele.
Kusezandleni zentsha ukunakekela imvelo ukuze ikusasa lomhlaba nelezwekazi i-Afrika liphephe futhi lisimame.
NaseNingizimu Afrika sinalo iqhawe eladuma umhlaba wonke ngokugqugquzela abantu ukuthi bavikele imvelo bayigcine ihlanzekile. Lowo ngubaba uCredo Mutwa naye ongasekho.
Ngo-Okthoba ngo-1999 wahlonishwa ngendondo yiGlobal Nature Fund ngemizamo yakhe yokuhlenga imvelo.
Emukela le ndondo, uMutwa wathi: “Amachibi namanzi alawula impilo yezinyoni, izinhlanzi, izilwanyana nabantu abaphila emhlabeni. Kusukela emandulo, okhokho bethu babeyihlonipha imvelo, bemjezisa oyingcolisayo noma oyibulalayo.”
Siyaziqhenya ngaleli qhawe elazalelwa eKZN.
Sigqugquzela imiphakathi yonke nentsha ukuthi ihambe ezinyathelweni zikaNgqongqoshe wezeMvelo ongasekho emhlabeni, uNkk Edna Molewa owaba nedumela emhlabeni jikelele ngokuhola izwe lethu ekuvikeleni imvelo nomhlaba esawushiyelwa wokhokho.
Nathi njengabaholi KwaZulu-Natal, siyakholwa wukuthi ukuphila kwemvelo kusho ukuphila kwesizwe. Yingakho kunemizamo eminingi esifundazweni yokulwa nemiphumela emibi edalwa ukushintsha kwesimo sezulu kuhambisana nesivuvu jikelele.
Sisebenzisana nabaholi bendabuko, omasipala abahlukene neminyango kahulumeni, ukugwema ukubheduka kwemililo yequbula, ukukhuculula imfucuza evimba ukuthi imifula igeleze kahle.
Sinezinhlelo ezibizwa ngeWorking for Fire lapho sicenta ukhula emahlathini ukuze kugwemeke imililo yequbula. Kukhona nohlelo iWorking for Water lapho intsha nabesifazane bekhuculula imfucuza evimba ukugeleza kwemifula ize iyofinyelela olwandle.
Njengoba sibuye sibhekane nenkinga yokunqamuka kukagesi, sinezinhlelo noMnyango wokuHlaliswa kwaBantu lapho imizi emisha siyifaka ama-geyser adonsa ukushisa elangeni ukugwema ukungcola kwemvelo. Nasehostela eliseClermont sinemishini yesimanje esiza ukushisisa amanzi.
Ukungcola kwemvelo kudala ukubhebhetheka kwezifo ezigcina sezikhahlameze abantu nomnotho njengeCovid-19.
Ukubhebhetheka kweCovid-19, kubeka obala ukuthi sibhekene nezimo ezibucayi ezimbili ezidinga ukuthathelwa izinyathelo eziphuthumayo ngendlela efanayo.
IKwaZulu-Natal iyibeke ezithebeni eyokusimamisa umnotho ngemva kweCovid-19, ukuze kubhekwane ngqo nezimo zezulu ezingagcina zishabalalise umnotho womhlaba kudaleke nobubha.
Izwekazi i-Afrika lidume ngobubha obugcina buholele ezimpini, kuhlukumezeke abantwana nabesifazane. Kuyacaca ukuthi kumele sibhukule ngempela manje ngoba sibhekene nezimpi ezimbaxambili ezidinga ubambiswano kubantu bonke, ikakhulukazi intsha.
IKwaZulu-Natal iyilungu lenhlanganisela yohulumeni abangaphezulu kuka-220 emhlabeni ababhekelele ukusimama komnotho nokuhlanza imvelo ukuze kugwemeke izimo eziholela ekushintsheni kwesimo sezulu nesivuvu jikelele.
Lolu bumbano lohulumeni lubizwa nge-Under2 Coalition, uNdunankulu waKwaZulu-Natal ungomunye wosihlalo balo.
Inhlosongqangi yalo wukucobelelana ngolwazi olunganqanda ukulimala kwemvelo ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu nesivuvu jikelele.
IKwaZulu-Natal, isiqalile ukuxoxa nokubambisana nezinye izifundazwe ukucobelelana ngamasu angasiza ukuhlenga umhlaba, okuyikhaya lokuqala nelokugcina labantu. Kukhona futhi namadolobha namazwe ase-Afrika esisebenzisana nawo ekulweni nokushintsha kwesimo sezulu. NjengoSihlalo we-Under2 Coalition, ngizinqumele ukugqugquzela amanye amazwe ase-Afrika, ukuthi sisebenzisane ekulweni nale mpi yokuguquka kwesimo sezulu enomthelela omubi ezwenikwazi lakithi nasemhlabeni wonke jikelele.
Sifunde lukhulu ngokuhlasela kweCovid-19 nemigomo esiyilandelile ukuze sigweme ukubhebhetheka kwayo. Sifunde ukuhlanza izandla ngezibulalimagciwane nokusebenzisa izifonyo nokuhlala ngokuqhelelana.
Singakugwema nokubhebhetheka kwemiphumela emibi eza nokushintsha kwesimo sezulu nesivuvu jikelele, uma singabambisana njengoba senzile kade silwa nobhubhane iCorona.
Sidinga intsha ezoba yisibonelo, ezohamba ezinyathelweni zoSolwazi Maathai, Nkk Molewa nobaba uMutwa ukulwa nokushintsha kwesimo sezulu okushiye kukhalwa koCalifornia, Sudan, Mozambique, Malawi, Zimbabwe nakuleli lengabadi.
Sidinga intsha ezokwenza umhlaba ube yindawo yokuphila ezoyibiza ngeyayo, iyinakekele. Sithi mayingathuli intsha lapho ibona abadala becekela phasi umhlaba ngezinqumo abazithathayo.
Mayingavumi ukuthi lolu daba ngamaluthe ngoba iyona eyobhekana nale ngwadla sesalala obafuthi kwelamathongo. Siyabagqugquzela ukuthi mababuze imibuzo futhi baqinisekise ukuthi uma sivuselela umnotho, siqaphele ukuthi asikwenzi lokhu ngokuncika kakhulu ezimbonini ezingcolisa umkhathi, zibulale nemvelo.
Isayensi iyasikhombisa ngokusobala ukuthi isimo esibi sezulu akuyona nje into eyindalo noma elethwa nguMdali - yithina esizigwaza ngowethu ngokulimaza indalo nemvelo, okwenza ekugcineni sibhekane nale ngwadla yesimo sezulu esiqotha imbokodo nesisekelo, sidale nesomiso ezweni.
Kusezandleni zethu sonke ukunqanda lesi simo futhi sinethemba ukuthi intsha izohamba phambili ibambe iqhaza ivikele umhlaba, abantu, imfuyo namasimu kulo mashayabhuqe wesimo esibi sezulu.
* UMnuz Sihle Zikalala unguNdunankulu waKwaZulu-Natal noSihlalo we-Under2 Coalition.