COULD a propaganda war, largely driven by white-owned media entities with close links to white monopoly capital, be using commissions of inquiry, such as the PIC probe and the inquiry into state capture headed by Justice Raymond Zondo, for the gain of these media houses and their interests?
MHLELI: Ngithanda ukubongela iJaji uRaymond Zondo ngokuqokwa kwalo njengenhloko yamajaji. Sengathi uZondo angangena athi khaxa ezihlangwini zeJaji uMogoeng Mogoeng.
Ngiyezwa abantu abaningi bayakuhlaba bayakuhlikiza ukuqokwa kukaZondo njengenhloko yamajaji kanti abanye bathi umengameli wezwe wenze kahle waqoka yena. Cishe uma sibheka isipiliyoni sakhe uZondo kulo msebenzi, siyakhomba ukuthi bekufanele awuthole. Kanjalo nokuqokwa kweJaji uMandisa Maya, njengephini likaZondo, kukhona abajabule nabangajabule ngakho.
Kayikho-ke inkinga lapho, vele akukaze kwabalula ukwamukela ushintsho kwesinye isikhathi. Kodwa uma uqhathanisa amava kaRaymond Zondo noMandisa Maya, kucacela ngisho ingane encane ukuthi uZondo ungaphezulu kukaMaya. Kanti nokuthi uZondo ubesesebenze iminyakana njengephini likaMogoeng Mogoeng, nakho kukhomba ukuthi amava akhe angaphezulu.
Ngokubona kwami, into engasiza ekuqokweni kwamajaji ukuze kungabi namsindo nakuchema, ukuthi ukuqokwa kwenhloko namasekela awo, kungahlanganiswa nepolitiki. Ukuqokwa kwamajaji kufanele kwenziwe ngabantu abakuqonda kangcono ukusebenza kwawo, kube yisigungu esikhulu esibunjelwe ukwenza umsebenzi. Nale nto yokuthi amajaji uma efuna umsebenzi ahlonywe imibuzo ngosopolitiki, iyabheda.
Njengoba iJudicial Service Commission (JSC) yayenze isiphakamiso sokuba kuqokwe iJaji uMaya, ukube iJSC inikwe amandla ubezoqokwa yiyo uMaya. Kubi-ke ngoba amandla anikezwa indoda eyodwa evele ilale ibheke phezulu, bese ikhethe loyo ezwe imthanda nedlelana-ndawonye naye.
Phela abantu abakwiJSC banakho ukuqonda ukusebenza komthetho wezwe, yize silandela umthetho okungewona owomdabu njengoba izwe lisebenza ngomthetho-mfakelwa, iRoman-Dutch Law. Kodwa-ke angikhali nakancane ngokuqokwa kukaZondo esikhundleni, ngikhala ngohlelo olusentshenzisiwe.
Uma singakususa emakhanda ukuxabana kukaZondo nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, kungasisiza kakhulu. Ezinye izinto zidinga ukuthi sikhiphe imizwa kuyo bese sibhekana nazo ngqo ukuze siziqonde kahle. Cishe uZondo akufanele simahlulele okwamanje, ake silinde sibone ukuthi ukhahlela kanjani. Asingamehluleli uZondo engakasebenzi. Thina siyizwe kufanele senze okuthile ukulwa ne-Roman-Dutch Law esebenza lapha eNingizimu Afrika, ngale kwalokho, sisazocindezeleka, amandla enikwa abathile ukuze bacindezele abantukazana abayizigidi.
Sibahle Ngobese