MHLELI: Kuyadumaza okwenziwa uhulumeni wentando yeningi. Kahle, kahle akekho umuntu ongaphila ngoR350. Abantu abaningi abayidingile le mali kodwa bafuna amathuba emisebenzi. Kepha, awekho lawo mathuba emisebenzi.
Ngendlela abayithanda ngayo le mali kungathi isile kanti cha, ayikho. Lokhu kwenziwa wukuthi abantu balambile ngakho bagcina sebebona le mali iyinto enkulu.
Kungakuhle uma umengameli waseNingizimu Afrika, engakhanda amathuba emisebenzi ukuze siphile kangcono singabantu bakuleli.
Sthembiso Mtshali
EMELMOTH