Imibono

Sijabulile kumenyezelwa iSilo sethu

Published

ISilo esesithathe isihlalo sobukhosi,uMisuzulu Zulu kaZwelithini, sifika esigodlweni KwaKhangelamankengane sihamba namabutho Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

MHLELI: Emva kwezinsuku sisibekelwe yifu elimnyama siyisizwe sakwaZulu, ngokusithela kwabaholi bethu ngokulandelana. Namuhla sekuyantwela enzansi nenhlansi yethemba isithi lokoloko.

Izindaba zokumenyezelwa kweSilo esisha zisijabulisile ngoba bese siphenduke izintandane. Siyethemba konke kuzohamba ngendlela efanele, kuze kufike lapho sibekwa khona esihlalweni ngokusemthethweni iSilo. Sengathi izinyanya zonke zingamsingatha kule ndlela ende futhi enzima ayithathayo.

Ngiye ngakhumbula izincwadi engazifunda ezikhuluma ngomlando ngesikhathi Ilembe lithatha ubukhosi nangesikhathi libulawa ngabafowabo, nenkosi uCetshwayo ithatha ubukhosi emva kwempi yaseNdondakusuka.

Nathi sesiyokuxoxela abazukulu bethu okwenzeka ngesikhathi sokubekwa kweSilo, izinyane likaBhejane Phum' esiqiwini.

Makhosi okaMgalaza

KWASWAYIMENE