MHLELI: Ake ngisike elijikayo njengesakhamuzi sakuleli. Ngiyafisa uMengameli Cyril Ramaphosa (osesithombeni) atshele izwe ukuthi uza nasiphi isisombululo kule ngwadla ebhekene nezwe kwazise mhla ethatha kuMsholozi wathembisa ukusiwezela kwelinoju.
Ngibona sesifana neVenezuella elokhu ibhedelwa yizinto. Ngicabanga ukuthi siyokhululeka mhla saba nomengameli wabantu hhayi oweqembu. Akuwenzi umqondo ukuthi umengameli enze izethembiso bese engasho ukuthi usekuphi “nokuthumeka” kwakhe. Bakhuluma ngokuthatha iBhange loMbuso into engeke iqede indlala nobubha. Usekuphi umengameli nohlelo lokuthatha umhlaba awunike abanikazi bawo? Uthini ngokunyuka njalo kwentengo ka-oyela?
Mhla engena ezintanjeni umengameli wethu esimthandayo wathembisa ukuvula amathuba emisebenzi angu-500 000 ngaphambi kokuphela kwezinyanga ezintathu. Aphi lawo mathuba emisebenzi? Sesingakhuluma sikhohlisane kusazoba mnyama. Sithatha umnotho (ezimbiwa phansi) “siphisane” ngawo phesheya ubuye usumba eqolo.
Ugesi wakuleli ubiza kabi kodwa uphehlwa lapha uze uphakelwe amazwe angomakhelwane. Intela enkulu yezimpahla ekhokhwa osomabhizinisi uma bedayisa ngaphandle nayo inomthelela ebubheni esikubo kodwa eyakuleli iphansi uma ufaka izimpahla ezivela ngaphandle. Mhlawumbe ngelinye ilanga siyokhuluma ngokulahlwa kokudla kuleli kulahlwa amazwe aphesheya. Abantu abanikwe amathuba emisebenzi hhayi izikibha zamaqembu epolitiki.
Sibahle Ngobese
ENquthu