Imibono

Sidinga usizo eMatendeni ngenxa yesitamkoko

Published

Isitamkoko esinukela omakhelwane Isithombe: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

MHLELI: Sibhekene nenkinga enkulu edalwa uMasipala waseThekwini, emphakathini waseNanda, Ematendeni kwa-A 1108, nakweminye imizi esondelene nakhona.

Kwaqhuma amapayipi ngesikhathi kunezikhukhula, kwavaleka izitamkoko eziseduze nemizi. Umphakathi wayibika inkinga obhekene nayo, nokunukelwa yindle ubusuku nemini kepha selokhu kwahlasela izikhukhula, usizo awalutholi.

Emizini yethu sesincamela ukukhipha amapayipi endle asuka endlini aye ngaphandle. Uma kukhona osebenzisa indlu yangasese njengoba kuvaleke izitamkoko, indle nokuncola okusuka ngaphandle emapayipini kuyabuya kuzongena endlini. Kanti inkinga ibhekene kakhulu nemizi esezansi.

Sesizizame ukuzakhela izindlu zangasese zomgodi ngoba ezasendlini asikwazi ukuzisebenzisa.

Kumanje kunezingane ezigulayo futhi akwaziwa ukuthi ziphethwe yini. Zaya emtholampilo kwathiwa azilethe izikhwehlela zizoxilongwa. AbakwaMasipala weTheku, bafika ngonyaka ophelile, babheka badlokodla amapayipi kepha bahluleka. Bathi kazibonakali izitamkoko ukuthi zikuphi bashiya kanjalo bahamba.

Uma kuthintwa ikhansela lithi kudala lithumela izinkinga kuMasipala weTheku, kwesinye isikhathi ulicele kuba lizobona inkinga liphendule ngokuthi lisabanjwe eminye imisebenzi noma lisemhlanganweni.

Kuyona leyo ndawo kwakhiwa umgwaqo, abangawuqeda bashiya isitamkoko samanzi singavaliwe naso siphuma amanzi.

Siyabonga Shange

ENANDA