MHLELI: Sibaningi thina bantu esingatohozi esifaka izicelo zoR350 kepha zingaphumeleli ngoba kuthiwa kunemali esiyithola nyangazonke. Manje uma bekuchithile njengowenza isicelo salesi sibonelelo sikahulumeni, uyaye ucele ukuba sibuyekezwe.
Manje inkinga yami ukuthi sekuyinyanga yesishiyagalolunye kusuka ngo-Agasti 2021, kodwa kayikho inqubekela phambili. Baningi abasesimeni esifana nesami. Kumnyama bhu ngempilo yethu.
Sicela ungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi ake achaze ukuthi ibizwa ngani le nto abayenzayo, behlukumeza abantu abaxakekile njangathi? Ikhona yini into ekuthiwa ukubuyekeza isicelo engathatha ngaphezu kwezinyanga eziyisishiyagalolunye?
Phela inhloso yesibonelelo wukuthi abantu bakwazi ukuthola ukudla. Umuntu oselinde izinyanga eziyisishiyagalolunye, kuthiwa udlani?
Sengizamile ukuxhumana nomnyango kaNgqongqoshe, uNksz Lindiwe Zulu, nomphathi omkhulu kwaSassa, kodwa usizo kangilutholi.
Yingakho senginqume ukuba ngizame ngidlulise isikhalazo sami ephephandabeni lethu, mhlawumbe kukhona ongalekelela kule nkiyankiya ebhekene nathi esihlwempu okufanele ngabe bahlomula oR350 ababelwe thina.
Sbusiso Zondi