MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni, ngicela ukuphawula ngodungunyane oselusakazeke sonke isifundazwe, iKwaZulu-Natal, ngenxa yokugwetshwa ngokugqunywa ezitokisini kowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Gedleyihlekisa Zuma.
Isikhalo sami esikhulu yilesi engisibonayo, sokulungisa okonakele ngokunye ukona njengoba kucekelwa phansi izinsiza, kushiswa amathayi emigwaqweni engothelawayeka, kungqongqiswa amaloli athutha impahla nalayisha izimoto.
Uma wenza iphutha ube uthi uyalungisa, kukhona yini okulungayo?Inhlangano ebusayo yayifaka imfundiso embi kithina bantu, yokuthi uma ufuna into kufanele ulwe, ucekele phansi nezinto ezisiza wena futhi ozobuye uzidinge uma sekudlulile lokho okusuke kukucasulile.
Inkinga enkulu ikithina luhlanga olunsundu. Wonke lo monakalo osudalekile uyolungiseka kanjani futhi nini njengoba sisaxakwe wubhubhane, iCovid-19? Abantu bayatheleleka, abanye balahlekelwa yizimpilo zabo ngenxa yalesi sifo. Izwe livele lisenkingeni nje, manje sizodala enye inkinga ngokucekela phansi izinsiza.
Kubi impela okwenzekile, ukuvalelwa kukababa uNxamalala, kodwa kufanele sisebenzise ezinye izindlela uma sizwakalisa izikhalo zethu, lena isiphelelwe isikhathi. Ake sikhule ngemiqondo, uma siphazamisa umnotho wezwe sizophila ngani?
Abantu bazophelelwa yimisebenzi yona lena emincane ekhona.
Ntabeni Umfana Wentaba