UMSAMO: INGONO NENKABA
INGIHLUPHILE inkulumo yeSilo uMisuzulu kaZwelithini ayikhulume ngenkathi ehambele ezindaweni ezihlukunyezwe yizimvula kabuhlungu noNdunankulu Sihle Zikalala noMnuz Patrice Motsepe, lapho ethe: “Masithandaze kuNkulunkulu sishweleze nasemadlozini.” La mazwi atshengisa umholi othi azi ukuthi uyingane kaNkulunkulu kodwa yanikezwa abazali bayo, abayikhulisa ngomthandazo nokwazisa ukuthi bakhona abakubo asebahamba. Le nkulumo yenza uzibuze ukuthi ngakube wonke lo monakalo owenzekile wahlukumeza imphefumulo kangaka yingoba kuyithina esonile, esonayo, yizinguquko ezishiwo ngososayensi zemvelo, noma wukungathandazi ngendlela efanelekile nokwahluleka ukugcina imithetho elishumi kaNkulunkulu? Uma kunjalo asishaywa yini ngamathongo ethu siyisizwe esimnyama ngesikulahlile noma yisiqalekiso esisha esibekwe pheze kwamakhanda namahlombe ethu?
Kunomakhosi obhale kwelinye iphephendaba langeSonto, uMakhosi Zimisele Mbongwa, inkulumo yakhe ithi: “Ngiwubona usemsamo umsuka wezakuleli.” Uma ekhuluma ngomsamo uchaze kabanzi, usho nokuthi uqondisephi. Lokhu kube sekungihlala kakhulu, ukuthi sididekile, sonke asisazi ukuthi kufanele senzenjani. Ephephendabeni lesiLungu langeSonto, ososayensi bathi kudala bemtshela uhulumeni ngezingqalasizinda esezindala, okuyokwenzeka ngelinye ilanga mhlazane imvubelo yabila, kodwa abazange bashaywe mkhuba. Konke lokhu kuhlangene, siyazibuza: kungabe wulaka lwabaphansi, emsamo, ngabe wulaka lomthetho wokuqala nowesibili kaNkulunkulu? “Mina ngiyinkosi uNkulunkulu wakho ungabi nabanye ngaphandle kwami; ungaliphatheli ize gama lami?”
Ngike ngaba nombuzo engiwujikijele enkundleni yezifundiswa Indonsa Yesizwe, ngibuza ukuthi ngakube ngempela wulaka oluvelaphi lolu? Uma ubuka komabonakude kuthiwa wulaka lwemvelo. Kuqhamuke abanye bathi ngeke sakuphika kakhulu ukuthi lolu wulaka lukaNkulunkulu ngoba uma ukhumbula ebhayibhelini uNkulunkulu wayibhubhisa iGomora neSodoma ngenxa yabantu bakhona ababenza okuphambene nentando yakhe. Omunye uSolwazi uyibeke ngokuthi yebo, emandulo lokhu kokuthi sishaywa wuNkulunkulu kwabe kuyinkolelo nemfundiso yangaleso sikhathi. Kwakaziwa ukuthi uNkulunkulu unolaka uma abantu bengamhloniphi noma bephambuka emthethweni wakhe futhi unomona uma ukhonza abanye onkulunkulu uzokushaya akujezise. Kodwa kuhambe kwahamba kwafika isivumelwano sikaJesu esisha nabaphostoli bakhe nobufakazi bebandla, ikakhulu uma sekufika ko-Augustine nakoMartin Luther kwatshengiswa uNkulunkulu onothando olungenasiqalo nasiphetho, indlela asithanda ngayo inomusa osihambela phambili. Akasiphathi ngokwenza kwethu kodwa ngomusa nokusithanda kwakhe. Ngakho namhlanje akusekho ukulahlwa kwabakaKristu wuJesu. Uqhebeka uthi ngakho ngeke uma kunjalo uNkulunkulu asilahle aphinde asishaye ngaleyo ndlela.
Ngakolunye uhlangothi kuvela ongoti besintu nezinyosi ezindala ezifana nenyosi yeSilo esesakhothama uZwelithini, inyosi uBuzetsheni Mdletshe ababeka ukuthi imvelo ingaba nomthelela omkhulu kukhona konke lokhu, nokucasuka nolaka lwabaphansi ngezenzo zethu esizenze kuyona imvelo nakubona. Uma ukhumbula uzothola ukuthi kwakukhona izinto ezazithintwa ngezikhathi ezithizeni, zingathintwa ngezikhathi ezithize. Kunezihlahla nemithi eyayingakhiwa noma kanjani noma inini, kunemicimbi eyayizilwa kuze kufike isikhathi esithizeni bese yenziwa.
Namhlanje akusekho konke lokho. Abelaphi imithi sebeyikha noma yikanjani, balaphe noma yikanjani, bathwasise noma yinini. Akusekho nqubomgomo yokwenza. Isidumbu somuntu sasimbozwa sihlonishwa. Namhlanje zingaki izidumbu ezitholakala zidindilizile, kokunye kugijinywa nazo kuthiwa kuyatoyitoywa.
Imibono eminingi eyehlukile kodwa okufanele ekugcineni sizibheke emsamo njengalokhu esho uMakhosi Mbongwa ukuthi akonakele yini khona. Nakhona uma sikhuluma ngawo umsamo sizibuze ukuthi yini umsamo hhayi lokhu osekwashunyayelwa ngabelaphi nezinyanga nezangoma zithi umsamo, zehluleka ukuchazela abantu ngokwesintu ukuthi yini umsamo. Kuze kujahwe ukuthi uyelashwa. Ikhambi lokubhekela isizwe nesizukulwe esizayo akufanele kuqhakambiswe lokhu okudumile nokuzokwenza sithandeke ngoba nakhu kukhonzwe uwonke wonke, kodwa makube yikhambi elizosichezulu endleleni esesiyejwayele, sifunde nokuyenza ngaphandle kokuzitshela thina ukuthi ingcono. Namhlanje umuntu omnyama ubhekene nengwadla yokwehlukanisa umkhuleko kumbe umthandazo nesintu seziko lakhe. Kukhona konke okusuke konakele kubizwa amasonto namabandla ukuthi makube yiwona aya esiguqweni abeke umkhuleko, sikhohlwe yilabo abakwazi ukuphahla nabo ngamandla abasuke bephiwe wona wuyena uMvelinqangi.
Lo monkalo ongaka owenzekile, asifiki emhlabeni namhlanje, kudala saphila, siyisizukulwane sezizukulwane, ababephila phambilini kunathi bona bebenzani lena eyenza bangakuboni lokhu osekwenzeka namhlanje. Asilahlile yini okwakufanele basishiye nakho? Amabandla ezinkonzweni uma siyokhuleka, sisuke simsulwa ngempela, kungekho mithi nezibhamu esikugodlile kodwa sibe sibiza igama leNkosi uJesu? Sihlambululeke kangakanani thina uma sike sizwe izindaba ezithize, kukhona abathi behola amabandla wona lawa esithi awakhuleke kodwa bathwele? Iqiniso inkinga yalo liyintshungu (liyababa), osekufanele namhlanje sizibuze ukuthi ngakube sikhetha ukudla intshungu noma uqadolo na?
Kulo monakalo owenzekile, asiyogeza sonke ngamanzi olwandle, nempophoma kuqala, phambi kokuthi sithi sizosiza ngemithandazo nangemikhuleko nemiphahlo, ukuze singathi siyakwenza esikwenzayo kanti sibiza omunye uzamcolo ozokuba ngaphezulu kwalokhu.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize
Isigodlo SaseMlambomunye: School of African Indegeneose Science.
GAUTENG 010 007 5294/5
KZN 087 11 00 555.