UMA indlu ensundu isadlala umqhudelwano ezingeni lomndeni i-Afrika yonke ibhidlikile, izinguquko zomhlaba zivele zigomonqe namasiko ethu njengoba sesifesa size sitohoze nje sifulathele amakhaya obaba, miningi imimoya esiyihogelayo eyenza sibuye sesiqukula amakhala. Ukungafani kwamagalelo emndenini, yizimoto zakwanokusho esifika sikhazimula ngazo emicimbini yemindeni, kunakho ukudala uqhude manikiniki. Kube kungenasidingo. Uma ikhaya liyizulu elincane kanjalo nesizwe siyakuba yimbumba. Kanjalo embizeni nasokhambeni uma izinto zikalwe kaningi ngaphambi kokuba zisikwe azibi naphutha. Uma singacophelela indlela esakha ngayo imindeni nesikhulisa ngayo izingane zethu, siyakuba nesizwe esinamaseko lapho kuphekwa kuze kuphihlike izimbiza eziyokondla isizwe ngenkankatho. Uma singacakula izifundo zasendulo ngokwempilo eyayiphilwa ngabantu babengaklolodelani ngokuthi wubani ulale edleni noma uvunule waconsa ukwedlula ubani. Kepha isizwe sasinomoya wokuphana nokuhambelana, kuthiwe kuhanjiswa iqhaga lona okuliqhaza olibamba njalo. Uma umakhelwane wakho enecece ekhaya wawungayi nje kwamakhelwane wakho uvathazela ngenhloso yokuyohlola ukuthi bayalamba yini. Ukwantula kusahlule bakwethu, kusenza sigiye ngeshwa neshwangusha lapho uzwa umuntu ekhala ngokudla kwakomunye umuzi ekuqhathanisa nokwakwakhe.
Ezingeni lokwakhelana nelasemndenini kuningi siyisizwe esingafinyelela kukho ngokwemfundiso. Isiko lithi uma kuwumsebenzi ekhaya kusuke kujulukwa ngoba imisebenzi yegceke iba miningi njengoba kugcina sekwelekelela omakhelwane. Kodwa namuhla sinenkinga, imisebenzi iphenduka isekisi kuqhudelwane ngengqephu nezingcingo, le nto yenza kube khona ukuzenyeza kwabangakahlanganelwa yizinto empilweni njengabanye, kulapho-ke iqhaza lobuzali lingena khona ngoba uma ulimi lungaqondi kubazali kusukela ingane izalwa ubugwegwe nokuhlwathizela kuyoba ngumgomo wesizukulwana sanamuhla. Lokhu kubonakala kungenye yezimbangela zokuma kwendlu ensundu ndawonye ngokomnotho namandla ezombusazwe. Sichitha isikhathi esiningi sembulana izinqe kunokulungisana nokwesekana. Kusisizaphi nje ukubukisa ngezinto esinazo uma kunemicimbi emakhaya kunokuqondisisa injongo yokuhlangana kwemindeni? Sizuzani ngokuqhudelana ngengqephu uma siya emasontweni ngabe siyithole ngokwanele yini incazelo ngalokhu esithi siyokukhonzela, kambe kuyini ukukhonza? Imibango yezigodi ngabe kayikho ukuba izimo emakhaya ziqondile ngokwendlela usiko okumele ngabe lusetshenziswa ngayo, ngoba uma kuqonda usiko lona olufana nomthethosisekelo, inkambo yesizwe iyakuba nomkhombandlela mhla sazazi ukuthi sibhekephi siyizwe asiyukuvumela ukudunyiswa amakhanda yizinto esizithenga ngemali kuze konakele imisebenzi yasemakhaya ngoba uma kunomoya wokuqophisana kunejadu egcekeni, kusuke sekonakele.
Ngakho zincane izinto ezona impilo yomuntu onsundu. Ukugijima namagugu anedumela lesikhashana, kodwa kusale konakele izinto eziningi, siyindlu ensundu sinomsebenzi omkhulu osimele ukuba sibheke kabusha indlela esiziphatha ngayo, bese kuthi nomthelela okuza nawo siwuxilonge ube yisifundo. Ngoba kuthiwa oqonda konke woxolela konke. Endulo intombi noma insizwa uma kunomcimbi yayihloba kusinwe kukhulunywe ngobuhle bomcimbi, hhayi ubuntandakubukwa, nakuba babe khona onontandakubukwa endulo kodwa babekwenza ngokwakha hhayi ukudonselana phansi. Sikhula kwakunokusina okwakuthiwa wumgqumshelo lapho kwakuqophiswana ngokusina, kuklolodelwana kuze kubekwane izici kodwa kwakuphelela khona lapho, kungafinyeleli lapho kucwaswanwa ngokuthi wubani odlula bani ngomnotho yingakho kwakunesiko lokusiselana nokwenanelana futhi engekho obeka omunye isici.
Iluphawu lwendlala le nto yokuthi siqonelane kanjena. Kubuhlungu ukuzwa umuntu onsundu ethi uma eke wathenga imoto ebizayo uzoya ngakubo khona kuzohamba imfene emini. Leyo ndlela yokucabanga iyosenza izigqila zokuthenga sibe singayi ndawo impela. Sengathi singayizingela indawo yesiko endleleni esiphathana ngayo nesiphila ngayo usuku nosuku. Kumqoka ukwazi umthelela oza nokuphathana kahle noma kabi nabakwenu, uma wonke umuntu embethwe ngabakubo kusho ukuthi uma enkonkomala uthunaza bona, kanjalo noma enza ukungahloniphi egcekeni. Ngakho muzi onsundu masizame ukucabangisisa indlela esenza ngayo amatiye emizini yobaba nendlela esisingatha ngayo imidanti yokwenzeka kwawo. Kumqoka nokho ukuba imizi yobaba ibe ngamathempeli lapho sisinda khona ngokomphefumulo. Endulo ngisho ingane yonile yayishayelwa ngaphandle ngoba limqoka ikhaya ndlu yakwethu.