MHLELI: Ngivumele ngiphefumule okungaphakathi kimi kwelakho elingashayi eceleni, njengelungu elikhathazekile ngendlela izinto eziqhutshwa ngayo eGobamahlamvu Primary School eseKing Cetshwayo District, kuMasipala waseMlalazi, eShowe.
Iningi inkohlakalo eqhubeka eGobamahlamvu Primary School. Ngikhuluma nje kunezimali ezakhokhiswa abafundi wuthishanhloko wakhona eminyakeni edlule, kwathiwa ngezokuvulwa kwesikole kodwa kuze kube namhlanje asikaze sivulwe. Abafundi abakhokha leyo mali sebaze baqeda ngisho ezikhungweni zemfundo ephakeme, abanye bayasebenza, abanye baganiwe banezingane nemizi, abanye sebaze badlula kulo mhlaba. Kukhona abazali abasokola, abaphila ngempesheni nangesibonelelo sezingane kodwa abazange babuyiselwe imali yabo kuze kube namhlanje.
Namanje isaqhubeka inkohlakalo kulesi sikole. Ngonyaka odlule uMnyango wezeMfundo ukhiphe amathuba okuthi kuqashwe abasizi bothisha ezikoleni, bangaholelwa ngendlela efanele, bethola imiholo engaphelele. Kukhona owaze waxoshwa ngendlela engaqondakali, umzali wakhe waya ehhovisi lezemfundo eShowe eyobika ngodaba lwengane yakhe. Kwafika owayethunywe ngumnyango kulesi sikole, ezolandelela udaba lwalo msizi kathisha owayexoshwe ngokungafanele nangezimali ezaziholwa yilaba basizi ezazingaphelele. Wamsiza lo owayexoshiwe wabuyiselwa emsebenzini phezu kokuba kwase kuthiwe akanasikhala.
Njengoba owezemfundo usuphinde walibuyisa futhi ithuba lomsebenzi entsheni engasebenzi, usenza adume ngazo uthishanhloko. Umnyango uthe abangaqashwa abahlomula kuNSFAS kodwa ngibhala lana nje ukhona oqashiwe osebenzayo oyisitshudeni kwesinye sezikole eziphakeme. Uzilolongela ubuthishela kuso lesi sikole ekubeni kukhona owaxoshwa kwinhlolomsebenzi ngoba ethola uNSFAS, naye efunda kwesinye sezikhungo eziphakeme.
Siyafisa siwumphakathi waseMbakela ukuthi kwenziwe uphenyo kulesi sikole, asijabule ngendlela uthishanhloko wakhona aphethe ngayo. Sesibekezele kakhulu futhi ngeke ngimangale ukuthola ukuthi kwazimali zesikole uyazidla futhi uzisebenzisa budlabha.
Kungakuhle uma umnyango ungake uthumele ithimba lizophenya inkohlakalo ekulesi sikole, sokudliwa kwezimali isidana nje sengathi kusemthethweni. Uma kwenzeka umnyango uqhubeka nezikhala zabasizi bothisha, kungakuhle uzozibambela uhlelo lokuqashwa kwabo noma uthumele ithimba elizimele ukugwema ukungaqasheki kwabantu abafake izicelo ngale kokubizwa bahlungwe nje kungenazizathu.
Sifiso Gabede
Ngudwini Area
Eshowe