MHLELI: Ngithanda ukubhala ngodaba olusematheni kulezi zinsuku oluthinta uLinda ‘Mr Magic’ Sibiya, nomsakazo uKhozi FM.
Mina ngiyinduna yabalandeli bakamaskandi kuzwelonke.Sinamakhasi abalandeli bomculo wesintu ezinkundleni zokuxhumana kwiFacebook. Uma ubheka kula malanga ezinkundleni zamabhinca, wonke akhala ngoLinda Sibiya, afisa ukuthi uKhozi lumbuyise.
Ngosuku akhulume ngalo ohlelweni lukaBheka Mchunu kunyakaze izinkundla zokuxhumana, abantu bejabulela ukuzwa iphimbo lakhe emoyeni.
Babodwa abebejabulela ukuthi usebuyile uSibiya oKhozini FM kanti cha, akunjalo ubezokhangisa. Ngiyacela izikhulu zomsakazo zixoxe naye, zivele zimbuyise.
Abalandeli bayamdinga uMr Magic. Noma bangamnikeza uhlelo oluzongena ngempelasonto uma benqena ukuthi bazomkhokhela kakhulu ngokuthandwa kwakhe abalaleli.
Sizwe Ndlovu
Kwasjula