MHLELI: Kuyisifiso sami nomphakathi wasoQaqeni, KwaMaphumulo, ukuthi kuvele ukunganakwa kwesikole sangakithi, Ezithabeni Secondary.
Okusijabhisayo wukuthi siyaziwa ngemiphumela emihle kodwa esinganakekile nhlobo. Izikole zakhiwa ngapha nangapha sona sisale, siyavuza onke amagumbi okufundela.
Amathoyilethi kawekho, othisha nawezingane. Lawa akhona okuciciyela azodala inkinga kungekudala njengoba linile. Azowa okanye kuphonseke ingane khona kube yima umnyango usukuma ngoba vele kulindwe lokho.
Sekukaningi kubikwa kuwona uMnyango wezeMfundo ngalesi sikole, uthembise kodwa ujike ungenzi lutho. Kamuva nje kuvele kwafika isichotho sazoqeda nya. Kuphihlike amawindi, konakala izinto eziningi. Akwaziwa ukuthi izingane zizofunda kanjani uma kuvulwa izikole. Siyacela ukuthi kungenelelwe ukuze kusizakale umphakathi ngoba yisikole sethu lesi.
Lindokuhle Ngubane
KwaMaphumulo