MHLELI: Ngibhala lapha ngiphatheke kabi ngokungahlonishwa kwezitshudeni zasemaTVET College.
Le nto ngiyinakisise kahle kulo nyaka ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme neSayensi, uDkt Blade Nzimande (osesithombeni), ememezela ukuthi izitshudeni zizothola ama-laptop ne-data ukuze zikwazi ukufunda kahle emakhaya ngesikhathi kuvalwe izwe ngenxa yeCovid-19.
Lokho akaze kwenzeke kodwa kwagcina kuthole izitshudeni zasemanyuvesi kuphela. Lokhu kuchaza ukuthi izitshudeni zaseTVET College kazibalulekile? Sitshelwa ukuthi abantu ababalulekile ngabafunda emanyuvesi kuphela.
Ngikhuluma nje abanye bethu babhala izivivinyo kodwa asikaze sinikwe izinsizakufunda ngesikhathi sihlezi emakhaya.
Umbuzo engizibuza wona wukuthi uma sesibhikisha bangasimela yini? Sekusobala ukuthi njalo thina ukuze silalelwe noma sinikwe izimfanelo zethu, kufanele singene emgwaqweni sishaye itoyitoyi. Ngale kwalokho siyakhohleka uma kukhulunywa ngezikhungo zemfundo ephakeme
Sicela ama-laptop ne-data esathenjiswa kona.
Siphiwe Nxumalo
ELangeni Mpumalanga Campus
EFFSC