MHLELI: Sesibhale iminyaka ngeminyaka sikhala ngesimo esibuhlungu esiphila ngaphansi kwaso eNgwavuma kodwa akekho noyedwa umholi onendaba nathi.
Sibhalile sicela kuhulumeni wethu ukuthi kube nomasipala eNgwavuma ngoba asinawo amanzi, nogesi, empeleni asinalutho nje.
Into esiyibonayo kufika osopolitiki bezokhankasela ukhetho oluzayo. Sibona kulezi zindawo lapho kuvalwa khona imigwaqo, kushiswe amathayi futhi kucekelwe phansi nempahla uhulumeni eshesha ukufika futhi asheshe aphendule.
Kungabe nathi kufanele size sivale imigwaqo ukuze sithole umasipala eNgwavuma?
Mingaki iminyaka sicela amanzi kuNdunankulu uSihle Zikalalai? Kungabe kufanele size sife ukuze sibe nomasipala noma sakhelwe isiteshi samaphoyisa eNgwavuma?
Manqoba Ngcamu
ENGWAVUMA