MHLELI: Ngidlulisa enkulu intokozo ngokuthi uhulumeni asilalele azivale izikole kwazise besilila esikaNandi ngokufunda kwezingane esimeni esibucayi kangaka zisengcupheni yokutheleleka ngeCorona.
Bengibhalile kuyo le ngosi ngicela ukuthi uhulumeni azivale izikole kwazise isimo siyaphoqa njengoba igciwane lisenamandla ngalolu hlobo futhi kusebusika kuyabanda.
Isicelo sami nemithandazo yami uyiphendulile uMengameli Cyril Ramaphosa (osesithombeni) enkulumeni yakhe ngoLwesine ebusuku.
Bengibambe umoya ngesimo izingane ezibhekene naso ezikoleni. Kuyathokozisa kakhulu ukubona umuntu ongumengameli elalela abantu kwazise bengingakhali ngedwa kepha besikhala sibaningi siyisizwe. Sizoke sithole nobuthongo.
Umholi uba ngumholi ngokulalela abantu abaholayo. Ukuba sesikhundleni esiphezulu nokuba semandleni akuchazi ukuthi abantu abaselutho. Ngiyafisa abaholi bethu bakujwayele okwenziwe umengameli ngoba kuyisifundo kubo bonke. Kuhle ukubhula umlilo usesemafusini ngoba uma uze wangena ebaleni ngeke uwenze lutho.
Qhubeka mengameli wethu ngokuhlonipha isizwe. Akekho umzali ongathandi ingane yakhe ifunde kepha lesi simo besiphoqa ngoba bese singaphezu kwamandla. Ngikwethulela isigqoko ngobuholi obukhombisile. Kuyakhombisa ukuthi yonke into ihamba ngobizo nogcobo. Izandla zidlula ikhanda ngesenzo sakho mengameli.
Phondolwendlovu Mzolo
KWANYAVU EMKHAMBATHINI