MHLELI: Ngiyazi ukuthi abezindaba bazogijimela ukuveza osopolitiki nezinhlangano, njengabantu abasize abakhahlanyezwe yizikhukhula eThekwini, namaphethelo.
Kumele simshayele ihlombe umholi webandla laseBuhleni, uNyazilwezulu, ngokunikela ngemali nangokudla emindenini ekhahlamezekile ngesikhathi kuhlasela izikhukhula. Ibandla lamaNazaretha kalithandeki kwabaningi ngoba liholwa ngumholi ompisholo onguJehova kuthina kepha liyanikela. Ngeke samlibala umholi wethu ngokubumba ibandla nokwenza imisebenzi emihle ezweni lethu. Ziningi izinto ezenziwa nguNyazilwezulu ekukhuliseni ibandla ngaphansi kwezimiso zokuthi kumele amaNazaretha, athandane ukuze angangenwa yizitha. Ukungenwa yizitha noma ukungathandani nibe ningabandawonye, kunenza ningenwe yizitha kalula.
Yingakho uNyazi luhlale lushumayeza uthando ebandleni. Ngeke ngawulibala umuzi elanikela ngawo endaweni yaseMaphephetheni, yize abezindaba bengabikanga ngawo. Yize abezindaba bechemile kodwa thina siyayibona imisebenzi yoNyazi olungachemi nhlobo, ngokunikela kwabampofu.
Ngithi nje, angibonge umholi wethu uNyazilwezulu, ngokunikela ngemali nanokudla.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU