MHLELI: Ngicela uMasipala weTheku uyeke ukuxhaphaza izakhamuzi. Kunezikhalo eziningi ngohlelo lokuqoqwa kwemali yezidingongqangi kumasipala. Sekunesikhathi kukhalwa kodwa akuguquki lutho.
Abantu bahlale bethunyelelwa izikweletu zamanzi nogesi okukhuza phezulu kungafanele. Kwezinye bathola ukuthi kule nyanga kubiza kakhulu ugesi, ngelandelayo kwehliswe ugesi kukhushulwe amanzi. Kubhekeke ukuba sikhokhe njalo. Kanti kuyoze kube nini ingalungiswa le nto?
Besicela umvikeli womphakathi noma uphiko lwabaphenyi oluyisipesheli lusiphenyele ngoba sekubukeka sengathi sixhashazwa ngamabomu. Sifuna ukwazi ukuthi watholakala kanjani umshini osetshenziswayo ukubala izikweletu ngoba njalo uhlale unamaphutha. Ayikho into ehlukumeza njengokuthi njalo uhlale ungazi ukuthi isikweletu sakho sizokuba yimalini ngoba sihlale suguquguquka yize wena mthengi ungayiguqulile indlela osebenzisa ngayo izinsiza ohlinzekwa ngazo. Yini kungaguqulwa uhlelo nemishini okusetshenziswayo? Yingoba sithathwa kancane?
Kukhona okuvele kuthiwe bakweleta izizumbulu zemali engaphezu kukaR20 000 esithubeni. Abanye bayathumela ama-email, bashaye izingcingo kodwa ushintsho kalubonwa. Ngempela yini siphiliswa kabuhlungu kanjena ngumasipala?
Ngabe sijeziselwa ukuthi siyizakhamuzi eziqotho ezikhokhayo? Kungani ingalungiswa le nto ngoba sekunesikhathi idala izinkinga?
Yini ngempela umsebenzi wabaphethe uma kunje?
Kusetshenziswa uhlelo lokuqagela izikweletu zabantu, kodwa njalo kuhlale kuqagelwa into eyodwa kodwa kubizwe imali engafani.
Yini ngempela kudlalwe ngathi? Kufuneka size silwe, sisabise nathi njengosomatekisi ukuze silalelwe?
Lona iqembu elibusayo i-ANC lithule lithini kudlalwa ngabantu? Namaqembu aphikisayo kumasipala iDA ne-IFP wona abona kulungile ukuthi kudlalwe ngamakhasimende ngalolu hlobo?
Kulungile-ke abasale sebethula unomphela, kunikwe ithuba lokuphenya umvikeli womphakathi noma umphenyi ozimele.
Uma kungenzeki lutho, kungakuhle nathi sidube ukukhokha kuze kube kuxazululwa inkinga yenqubo esetshenziswayo.
Shaka Ndlovu
E-AVOCA HILLS