MHLELI: Nginesifiso sokubeka uvo lwami mayelana nokusebenza komfelandawonye we-ANC, Cosatu neSACP osufana nento engekho. Ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi inhlangano nenhlangano ithathe isihlalo sayo ukuze ibhekane nezinhloso zayo. Ngizovuma ukuthi bekunesidingo sokuhlangana kusabhekenwe noMbuso wobandlululo ngoba kwakufanele uhlaselwe ukuze uwe.
Uma sizibheka ngayinye:
I-ANC eholwa nguMnuz Cyril Ramaphosa isisembusweni manje futhi ingumqashi ngezindlela ezehlukene nasemazingeni ehlukene. Abanye abangabaphathi ezinhlakeni zikahulumeni babuye babe nokungayihloniphi imigomo yezabasebenzi ngaleyo ndlela basuke sebephambana nemibono yelungu lomfelandawonye.
ICosatu, ephethwe nguNksz Zingiswa Losi, kumele ihlale esihlalweni sokumela abasebenzi ukuze ibhekane nokumela abasebenzi ngokugcwele. Njengamanje sinenqwaba yabasebenzi bangaphandle abasebenza kuleli ngokungemthetho. ICosatu kufanele isebenzisane noMnyango wezaBasebenzi ukubheka ukuthi abaqashi bayahambisana yini nemigomo yokuqashwa kwabasebenzi nokuholelwa kwabo ngokwemigomo kahulumeni. Njengamanje iCosatu ikhala ngokushiywa ngaphandle ezinqumeni ezithathwe yi-ANC bese bethi bazoqala phansi baxoxe ngento engeke isashintsha. Kuyo yonke le nto umuntu olimalayo ngumsebenzi oba wumgilwa wobhululu.
I-SACP, emelwe uDkt Blade Nzimande, kumele yenze umsebenzi wayo. Kakade izinkolelo zayo azifani neze-ANC. Le nto yokuthi bangabaqaphi benhlangano ebusayo ayikho futhi ayisoze yabakhona ngoba imigomo nezinkolelo zabo azifani. UbuKhomanisi nohwebo olukhululekile akufani. NgoLwesihlanu mhla ka-18 ngamangazwa nguMnuz Solly Mapaila ethi beyiSACP abanankinga ngokuthi ubani ongena ePhalamende noma ngabe unephunga lenkohlakalo inqobo nje uma ejutshwe yi-ANC kulungile. Ngabona ukuthi mhlawumbe usekhohliwe wukuthi bebekulabo ababethi uMnuz Jacob Zuma akaphume eMbusweni ngoba unephunga lenkohlakalo. Ngazibuza ukuthi kanti yini abathi bayigadile uma bezodedela i-ANC ifake abantu abanenkohlakalo. Nakuba singathi alukapheli nya ubandlululo ezinhlakeni ezithile kodwa kubalulekile ukuthi inhlangano nenhlangano kulezi ezingenhla ibhekane nenhloso eyasungulelwa yona ukuze ifeze injongo nezinkolelo eyasungulwa phezu kwazo. Njengamanje uhwebo olukhululekile luhlulekile ukuletha impilo engcono kubantu ngobuningi babo emazweni amaningi alandela le nqubo yohwebo olukhululekile okungangokuba amazwe amaningi anezikweletu ezesabekayo amanye awa bhu ngenxa yezikweletu. Mhlawumbe kungaba yisikhathi esihle lesi kwiSACP sokuthi ifake eyayo inkolelo yezomnotho ezweni isebenzise esikufunde ekuhlulekeni kobuKhomanisi kwamanye amazwe ngoba eyongxiwankulu isihlulekile ukuphilisa abantu kangcono ngobuningi babo. I-SACP ngeke izibone ukuthi isebenza kanjani uma isancike kwi-ANC
Umuntu nomuntu akahlale esihlalweni sakhe ukuze abhekane nezinhloso zakhe ngqo.
B Khathi
eThekwini