Ngisho kushunyayelwa akusali ukuthi mhla ufayo uyoshonaphi. Kuyaye kube sengathi bakhona laba asebake bafa bawela bayolibona iZulu nokuthi kuphilwa kanjani. Kodwa konke lokhu kuphikiswa yila mazwi:
“bheka-ke kwasondela kuye othile wathi: ‘Mfundisi ngiyokwenzani enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na’ Wathi kuye, Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni , gcina imiyalelo, wathi kuye, ungaphingi, ungebi, ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho, yazisa uyihlo nonyoko, wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Matewu 19: 16-18).
Sasinakho konke isicebi kodwa silangazelele impilo yangunaphakade. Umbuzo usale uthi: yini impilo yangunaphakade?
Ngabe ukungafi, okuyinto engayokwenzeka, ukusala kwegama losadlula emhlabeni, kumbe ubukhulu basemhlabeni kunabanye abaphilayo?
Yile nkinga esibhekene nesibhekana nayo imihla namalanga esiyiqaqelwe imithetho elishumi kaNkulunkulu okunzima ukuyiphila nokuyigcina. Sihlale sicela sithi siyahlupheka, ekuhluphekeni kwethu siyaphuma singena sithi sizama impilo esiyibiza ngokuthi ingcono kodwa konke lapho sisuke sihamba khona singabheki ukuthi sithi sihamba sibe siqhuzuka.
Lokhu kuqhuzuka kuzwakala emlonyeni sikhuluma, kubonakala ezenzweni zethu imihla namalanga kodwa sibe sithi sifuna ukuphila le mpilo esithi ingcono futhi yinhle, kodwa singanaki ukuthi obhozo bezinyawo sebegxaza igazi.
Ukhiye siwufune ulaphi kodwa ube wabekwa phambi kwethu ngemithetho eyishumi esithi iseBhayibheleni kanti uma usuyilandela uyathola iyisintu sobuntu bomuntu.
Isintu somuntu simi ngobuntu bakhe nobuyena. Le mithetho akukho engakusho, okwenza kube nzima ukulandeleka, umuntu athi noma esewuphulile angaboni bese kuba lula ukuqhubeka nempilo kuyaba uzibona engcono ngoba uyakwazi ukungena endlini yesonto.
Ukubulala, kubulala isizwe sonkana, ukuphinga kuletha amahlazo nobubi, ukweba kwenza okuthole ngaleyo ndlela kungahlali kube namabhadi ungunaphakade, ukufakaza ngamanga ngomakhelwane wakho kuyamlimaza nawe ulimale ungaboni, lapho sazi khona kamhlophe sebile kodwa bese siphatha igama likaNkulunkulu ngeze, uthi ungaba nemali kumbe umnotho nawo owuthole ngokweba kumbe ngokubulala, bese ufisa impahla nomfazi kamakhelwane wakho. Ishaye inhlupheko kuwena nabantabakho, uwena lowaya uyongena endlini yesonto, kumbe kugobela uyohlola, usukhohliwe ubukhona bale mithetho oyeqe imihla nayizolo.
Siyahlupheka, siphila kamnandi, siyatetemuka, sibhale imibhalo ezinqoleni zethu sihlulele, konke sikubheke njengempilo emnandi, esiyifisayo, noma umbuza umuntu wenza ngani, aphendule kalula: “UJehova uyiphendulile imithandazo yami” kodwa zolo lokhu kade ephingile ukuze athole lokhu okumenze waphila kanje. Zolo lokhu ufakaze ngomakhelwane wakhe, webile wahlala kule ndlu ahlala kuyona washayela nemoto ahamba ngayo, kungakho namhlanje sekuphinde kuhamba kalula futhi. Inkinga enkulu ilena yokukhohlwa ukuthi uhamba ngezinyawo ezimbili, alulunye, kodwa uma usuphila uyakhohlwa ukuthi kambe ngingubani wakwabani, ungazikhumbuzi ngokwazisa uyihlo nonyoko, kuthi uma sekufikile ukufa uthi “uMdali uphile, uMdali uthathile” kodwa ukwazisa uyihlo nonyoko kubeka ngembaba ukuthi yikhona okuyokwandisa izinsuku zakho emhlabeni.
Impica badala yokuphila kobuntu bomuntu kumuntu, nempicabadala yokwazisa uNkulunkulu nemiyalelo yakhe isasidida, sidideke. Umbuzo kungani sihlupheka kangaka size siyongena kogobela, nasemasontweni sifike sihayize size sikhale izinyembezi, kodwa sibe sazi ukuthi konakelephi. Ukuzikhohlisa sazi noma ukuqhuba izinsuku zokuphila kuze kufike ezokugcina na? Bakhona esibonile, bangasithethelela, bakhona abasonile, sangabathethelela, umakhelwane umbuka ngeziqu zamehlo kuze kuphume igama “uyathakatha” ningangenelani, kodwa ngesonto lihle ibhantshi lomhlangano ngiyongena endlini yesonto, ngibemkhulu esikhundleni emphakathini kube imina engibona ababi.
Umbuzo osalayo othi: “njengalokhu siphila siphuma singena sibhecana, sifuna inhlanhla sikhala ngemali sibulala, sizondana kodwa sibe sithi siyaphila, ngakube sifuna ingcebo na? Uma sithi sifuna ingcebo ayabuya yini amzwi athi: “Ngiqinisile ngithi kini : onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.”
Okuxakayo ilelizulu esikhala ngalo imihla namalanga kodwa sibe siphambana ezitaladini abanye bayohlola, abanye bayothwala abanye bayongena ezindlini zamasonto, abanye babulala abanye ukuze bathole ingcebo, abanye bayaphinga abanye bayeba izandla zabo zingcolile. Sihlala emizini emihle ngezandla eziphambane nenkulumo yesicebi sibuza ukuthi yini okufanele siyenze ukuze siphile ingunaphakade.
Kukhona konke ukuphila kwanamhlanje kuthangi nayizolo, asizikhohlisi yini ilanga liphuma, lize liyoshona. Sihlulela imihla namalanga kodwa sikhohlwe ukubheka ngaphansi konyawo, ngoba kuyilona esihamba ngalo siyokwenza lokho okusuke kuzosingenisa ezulwini esikhuluma ngalo imihla namalanga. Imilomo yethu emihle igqizisiwe kodwa okuphuma kuyona kuphambene kakhulu nemithetho elishumi yobuntu bomuntu oyisidalwa sikaNkulunkulu.
Bhedlindaba “VVO” Mkhize
Esigodlweni saseMlambomunye
087 11 00 555