Msawakhe Mayisela
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi ubhubhane lomkhuhlane iCorona, lushiye kukhalwa nxa zonke. Kusazothatha isikhathi ukuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile, ikakhulukazi kwezamabhizinisi nemboni yezokuvakasha. Bekukhala ibhungane emahhotela, ezindaweni zokudlela, nakweziheha abavakashi nezinye. Lokhu kuholele ekutheni abaningi balahlekelwe imisebenzi namathuba okuziphilisa.
Njengawo wonke amadolobha emhlabeni iTheku, nalo lincela umunwe. Kulahleke izigidi zemali ngenxa yesimo ebesingakavumeli ukuqoqwa kwemali ekhokhelwa ukuhlinzekwa kwezidingo zemiphakathi namabhizinisi. Kuphoqelekile ukuthi kubuye kuthathwe enye imali engxenye ukuze kuliwe nobhubhane. Lokhu kusebenzile kakhulu ekuvikeleni inhlalakahle yabadla imbuya ngothi. Siphoqelekile ukuthi ngesikhulu isivinini sakhe uhlelo lokuvuselela umnotho ngoba leli dolobha livamise ukuba negalelo elingu-10% emnothweni kazwelonke okhiqizwe ngaphakathi. Lokhu kusho ukuthi uma kuma iTheku, kungenza ukuthi kume izwelonke.
Njengomasipala onakekelayo, kudingeke ukuthi senze izaba zokuthi kwehle umthwalo emahlombe amabhizinisi ngokunjalo nezakhamuzi, uma kuziwa ekukhokheleni izidingo zikamasipala. Kusihlaba umxhwele ukubona ukuthi lezaba, ziholele ekutheni sikhule isibalo sabantu abalala emahotela ethu nokuyinto okufanele siyishayele ihlombe. Indlala ibihlasele. Nangempelasonto isibalo sezimoto ezilibhekise eThekwini, siya ngokukhula, okusho ukuthi akusekude phambili.
Singabe senza elikhulu iphutha uma singabubongi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa, ngokunjalo neNational Command Council. Singakhohlwa kanjani nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikala, neProvincial Command Council abasebenze ngokungenamkhawulo ukuthi sifinyelele lapho esikhona. Abasebenzi bezempilo nabezokuphepha ngaphandle kokuzinikela kwabo, ngabe asihambanga ibanga elingaka ukulwa nokubhebhetheka kwalesi sifo. Izakhamuzi zethu nazo sizibonga kakhulu ngokuthobela imithetho yokuvalwa kwezwe, nokwenze ukuthi umkhuhlane ungadali umonakalo omkhulu.
Kusukela kumenyezelwa ukwehlela esigabeni sesibili sokuvalwa kwezwe, iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, yasiyalela ukuthi sivule izikhungo zokuzijabulisa, emitapoyolwazi, namapaki ngokukhulu ukushesha ukuze impilo ibuyele kwejwayelikile. Zikhona izikhungo ezingakavulwa-ke nokho ngenxa yokuthi azikahambisani nemithetho yokuvalwa kwezwe kulesi sigaba. Senza konke okusemandleni ukuthi nazo zigcine zivuliwe. Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), Ushaka Marine World neMoses Mabhida sezivuliwe nazo.
Kumele sikuqonde ukuthi amabhishi ethu avuliwe kodwa asikakuvumeli ukuthi abantu babhukude. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi izinhlambi zethu zikulungele ukuthi zihlenge imiphefumulo uma kwenzeka kuba khona abagwilizayo. Ngakho kumanje simatasatasa siyaziqeqesha ukuze zikwazi ukwenza umsebenzi wazo ngempumelelo, ngaphandle kokubeka impilo yabantu engcupheni. Okunye futhi ukuthi abeNatal Sharks Board, abakaphothuli ukufaka amanethi avikela ukusondela koShaka lapho kubhukudwa khona. Kuzothi singaqeda wonke lo msebenzi, bese siyakwazi ukuvumela abantu ukuthi babhukude ngo-Okthoba. Sicela imiphakathi yethu ibekezele ngoba asiqondile ukuvimbela injabulo yezakhamuzi nabavakashi, kodwa kuwumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uphephile emabhishi ethu.
Ukwehlela esigabeni sokuqala sokuvalwa kwezwe, akusho ukuthi sibe budedengu. Kufanele siqhubeke sifake izifonyo, siqhelelane, sihlanze izandla sihloniphe yonke imithetho yokuvalwa kwezwe ngoba impi asikayinqobi. Masiqikelele ukuthi utshwala asibuphuzi budedengu ngoba ukwenze njalo, kungase kusibuyisele emuva.
Ezokuvakasha kulo masipala wethu sizithatha njengegolide lethu. Ngakho kubalulekile ukuthi abavakashi sibamukele ngezandla ezifudumele. Lokhu kosiza ukuthi nangomuso, babuye bavakashe bashiye imali, bese beba ngamanxusa ethu ezokuvakasha, sihlomule sonke.
Asisebenze ngokubambisana ukugcina idolobha lethu lihlanzekile. Udoti asiwulahle ezindaweni ezifanele noma kungekho obonayo. Iqiniso ukuthi uma idolobha lethu lingcolile, akukho sivakashi esoba netshisekelo yokuzosivakashela. Ngakho gcina iTheku lihlanzekile.
* UMsawakhe Mayisela ukhulumela uMasipala weTheku