Imibono

Qinisekisa ukuthi unothando noma unenkanuko

Mpume Nzimande|Published

ISIHLOKO SENCWADI: 8 Rules of Love: how to find it, keep it, and let it go

UMBHALI:Jay Shetty

ABASHICILELI: Thorsons

UMHLAZIYI: Mpume Nzimande

ITHOKALA: Ezitolo zakwa-Exclusive Books

NGAPHAMBI kokuthi uthenge isipho, uzibophezele othandweni, ngabe wazini ngalo?

Cishe baningi abantu abaphansi phezulu bafuna izipho abazozinikeza izithandwa zabo njengoba kuyinyanga yezothando. Kepha enye yezingqalabutho zababhali, uJay Shetty, ikhalima abantu ukuthi bangathatheki, bazibophezele othandweni ekubeni benganaso isiqiniseko.

Kungenzeka kube nomuntu okuchazayo noma omkhonzile kepha akusho ukuthi uyamthanda.

Encwadini, i-8 Rules of Love: how to find it, keep it, and let it go, umbhali weluleka ngemigomo eyisishiyagalombili engasiza ukuthi uqondisise uthando nezingqinamba zalo.

Phakathi kwemithetho yothando eyisishiyagalombili agxila kuyo, kuhamba phambili ukuzithanda wena uqobo. Ukhuluma ngokuzifuna nokudlinza ngemizwa yakho ngaphambi kokuthi uthande omunye umuntu.

Kuvamisile ukuthi ngoFebhuwari kuvele obala ukuthi umuntu unesithandwa, uqonyiwe, uyashela noma ushimile. Konke kunezizathu zakho ngakho asikho isidingo sokuthi ukhathazeke uma ungena kwesinye sezimo ezibalulwe ngenhla.

Okusemqoka ukuthi wazi ukuthi luyini uthando futhi zithini izinhloso zakho zokuthandana nomuntu othile.

Umbhali weluleka ngokuthi kumele uqondisise ukuthi kusho ukuthini ukuthi 'ngiyakuthanda'. Ungahambe utshela noma ngubani futhi ungalindeli ukuthi naye asho kanjalo kuwena. Umbhali uxwayisa ngokuhlomeka kwabantu ngenxa yezinto abazibona zenzeka emafilimini bese becabanga ukuthi ziyenzeka empilweni. Weluleka nangokwamukela uma uthando seluphelile futhi ungajahi ukuthola omunye.

Ngaphambi kokuthenga isipho, kungakuhle uthenge le ncwadi. Izokufundisa okuningi okumayelana nothando, izinhloso nezimo zokuthandana, umehluko phakathi kothando, izifiso nenkanuko. Ningakhohlwa ukusebenzisa amajazi omkhwenyana uma senigajwe yimizwa yothando!

Itholakala e-Exclusive Books.