KWENZEKE umhlola kufika izelamani zogogo abathathu asebengaphezulu kweminyaka engu-60, nezingane zabo nabazukulu bekhala izinyembezi ngamunye ngamunye esigodlweni eMlambomunye, bethi indlela abahlupheka ngayo sekuthi abazibulale. Ngokungena ngokwehlukana ababili bathwasa omunye wasinda yena, ukuthi kanjani naye uyazibuza. Ekuthwaseni kwabo eminyakeni engu-20 eyedlule akukho lutho olwaphinde lwalunga. Kwalowo owabathwasisa akasekho emhlabeni lasheshe lamthatha ithongo lakhe okukhomba kona ukuthi wayedlala ngabantu.
Lezi zalukazi esiganele kwaGumede waseNtshangwe nodadewabo oganele kwaNzama eCato Ridge bobabili bakhala ezimathonsi ngenxa yenhlupheko esibapheke iminyaka engaphezu kuka-20 selokhu bathwasa. Omunye wabo kwathi angaphothula zashona zonke izingane zakhe kwasala eyodwa nayo esinomzukulu okungathi uphithanelwa yikhanda. Ugogo uNzama yena indodakazi yakhe ngenhlanhla yagana kodwa nayo yathwasiswa, ekuthwaseni kwayo yathi iqeda umkhwenyana wayekhala iphepha. Kumanje ilahlekelwe ngumsebenzi. Kanti phambilini beyiwuthola umsebenzi kodwa usheshe uphele. Bafika eMlambomunye belandelana ngenxa yenhlupheko nosizo asebethe banikezwa lona kuba nhlanga zimuka nomoya. Ugogo uGumede yena useke waya komunye wathi akalethe inkomo emhlophe khona ezomvulela idlozi, uma ebuza ukuthi uzoyithathaphi imali wathi akahambe ayoyiboleka ngoba idlozi lakhe lavalwa. Uma ubuza ngodadewabo naye owathwasa njengaye, impendulo ithi udadewabo bamvala ngezizwe kufanale yena akhiphe imali engangezinkulungwane ezingu-50 zamaRandi ukuze ayomlahla izizwe bese emgeza emfuleni ongcolile ukuze zihambe nokungcola. Bobabili bakhala ngokuthi abasazazi izingubo asebazishiya emifuleni bebhabazwa ngezinkukhu ngoba kuthiwa bakhishwa idlozi elibi abalifakwa ugobela owayebathwasisa.
Yilezi zimangaliso engihlale ngikhuluma ngazo ngithi baningi abantu abathwasile kodwa akwenzeki lutho. Abanye baba nenhlanhla yokuthi batshelwe ukuthi phuma lapha kudlalwa ngathi. Izingane eziningi namhlanje ezifundayo ezehluleka ezikoleni kokunye zilahlekelwe ngumsebenzi ngenxa yendaba eba yisiphetho yokuthi akuthwaswe. Engiqonde namhlanje ukudlulisela kuwona wonke umuntu wukuthi ngo-2021, ake ubalekele kude nale Covid yokuthwasiswa kwabantu kungekho sidingo. Leli gama nalesi senzo ake kufane nesihogo esizokushisa uma ungene ungaboni.
Bakhona okufanele bathwase kodwa nazi izinto okufanele ziqikelelwe: izibonakaliso namaphupho ikhona okungumnqamulajuqu ekuthwaseni. Ukuphupha amabhayi namashoba nokuzibona ugida nezangoma, nokugula, ngake ngabhala khona lapha ngisho ukuthi yebo kusuke kukhomba ukuthi yamukela umsebenzi kodwa kufanele kube abanikazi bawo okufanele bakukhombe kumuntu ozoya kuyena kumbe bazozenzela. Kunezinkulumo eziningi lapha ngaphandle kithina belaphi okuphika ukuthi ithongo liyakwazi ukuzenzela konke, imbangela yalokho ingoba asazi futhi sisenolwazi oluncane ngethongo nedlozi, nabathi bayalazi basuke bekhulumela emadwaleni olwazi olungaphelele. Yinto yokucwaningwa kabanzi lena nokuzinika isineke futhi iphinde ibe ukuphathiswa kwakho, hhayi ukuzenzela.
Ngakho baningi abantu abathintwe ngempade okungeyona, umuntu kuthi kudingeka ukuba adle impande yomndawe kodwa anikwe impande yesiNguni. Lezi zinto azihlangani.
Kukhona lapho ithongo lifuna izandla zowesifazane, kodwa usukeleke owesilisa akuthwasise, noma lifuna owesilisa owesifazane akuthwasise kuxabane konke. Okukhulu wukuthi unayo yini leyo mpande efanele edingwa yidlozi noma yithongo lalowo muntu?
Okogogo bobabili, emndenini wangakubo kanina kwakukhona isalukazi esathwasa emanzini esingukhokho wonina esivela siyisizukulwane sesihlanu saphuma nenyoka nezikhwana khona emanzini. Lesi salukazi sasithwele abalozi ngqo, okwahamba sashona naso. Akuphindanga kwaba khona okuvela kuyena kobunyanga. Manje sesibuya ngalaba bazukulu, kodwa ukubuya kwaso sesibuya njengemimoya yeNdiki, okufanele sigezwe kubona. Inkinga ukuthi ekugezweni kwabo kufanele bagezwe ngegazi lengwe, namaphakama amhlophe edlozi lomndawe, atholakala eMozambique kuphela.Kulapho-ke ogobela belahleke khona base bebona ithuba lokuthwasisa izalukazi.
Lokhu kuyisifundo esikhulu sokuthi sibheke ukuthi uma umuntu efika mpande yini ezomsiza, unayo yini, ngabe futhi usebenza ngaleyo mpande na? Izigodlo eziningi uma ubuza impande ezisebenza ngayo kunzima, uthola ukuthi sithenga sonke khona laphaya eZimbuzini, kumbe koBerea, umuntu akakaze angene ngisho ehlathini ayoyibona ngamehlo impande imbiwa, namaphakama ukuthi akhiwa kanjani ehlathini. Kokunye uphathisiwe yini leyo mpande nokuthi ukuphathiswa kwakho kwedlozi kuluhlobo luni? Abantu abaningi bahlushwa idlozi lomndawe iningi lethu elithi siyakwazi ukulisebenza kanti libi ngokuthanda ukuzenzela.
Ngakho qaphela, uma kuthiwa thwasa phakamisa izindlebe namakhala njengenyamazane, ngoba ayikho into ebuhlungu njengokuthi uhlupheke uze uyofa ngisho nesizukulwane sakho ngoba wenza okungekona. Owakwenzisa uyobe engasekho uyobe ususele wedwa nezingane nesizukulwane sakho.
Bhedlindaba “VVO” Ka La Phuzi Mkhize
Isigodlo saseMlambomunye
087 11 00 555.