Imibono

Ozalwe embethe kumele embulwe ngokwendlela ambethe ngayo

Opinion|Published

OZALWE embethe kumele embulwe ngokwendlela ambethe ngayo, Isithombe: Boxer Ngwenya/African News Agency(ANA)

KUFANELE ubonge uma wakhula ilizwe lingafelwa nkonyane, imizi isananelana ngokuya ethunjini, engakabi khona umuntu osathi kwabani kuyahlushekwa. Impela, ilizwe lalisenamalimo, kuphuma izinkabi ziyolima komunye umuzi. Kwakusiselwana ngezilwane ukuze wonke umuntu aphile.

Ngaleso sikhathi, isangoma noma umelaphi wayesakhonjwa kude le, kuthi noma kuvele umhlola ekhaya kuthiwe akuhanjwe njengozalo kuyozwiwa ukuthi kwenzenjani?

Kwakungafike kuthiwe sicela usibhekele umsamo ngoba kwakwaziwa ukuthi uyini umsamo. Eyabathandazi angiyiphathi ngoba yinto yanamhlanje. Kulapho wawuzwa kuthiwa ingane yakwabani izalwe yembethe kumbe umasibanibani uthole ingane eyelekile, owawuzwa sekulandwa imbuzi ukuze yenzelwe, igezwe ngenyongo kugezwa efike naye, luthathwe nalolo ntwetwesana ebilembethe, luphanyekwe emsamo.

Ababelethisi kwakuseyizalukazi ezazingasavakasheli endaweni yabasefazane. Ukwembatha namhlanje sekusezandleni zoqhibu-khowe babelaphi nabathandazi asebekutshela ukuthi kufanele wembule, bathi “Wothatha imbuzi uyihlabe bese wembeswa umhlwehlwe wayo,” okuyinto okungaqondakali ukuthi iqhamukaphi.

Namhlanje sekugcwele abantu abembula abanye kodwa lokho kwembula kugcine kungenzi lutho. Uzwe umuntu ethi: “Ingubo yami yathathwa esibhedlela ngakho kuthiwa angiyibuyisele ngokuthatha umhlwehlwe wembuzi ngiwembathe.”

Okwanamhlanje konke lokhu nezangoma zanamhlanje esezingoqhi-bukhowe, ezithi zibuyisela abantu izingubo abafika nazo bembethe, nalokho kwembatha okungachazwa ukuthi kuyisima kanjani.

Abantu abaningi abembethe bavamisa ukuhlushwa ngamaphupho ababonisayo ukwembatha kwabo ukuthi kuyisima kanjani kodwa ngenxa yokuthi imindeni esikhulele kuyona sekwathiwa amaphupho afika namadimoni, konke akusanakwa.

Kuthi uma izinto sezonakala umuntu agijime ethi uyokuzwa “ezangomeni”, kufike kuthiwe akembule.

Umhlwehlwana owembethwe yingane uma ifika emhlabeni usuke ubika izinto eziningi ezehlukene. Ezincwadini engizibhalile, ngibalule ukuthi kwehlukene kahlanu ukwembatha ngokocwaningo nangokutshelwa ngabadala.

Kamuva ngithole isimangaliso lapho ngithuke ngagelekeqeka ngesikhathi ngitshelwa ngokwembatha kwesithupha lapho umuntu ekwazi ukwembatha ingane ayizele yena. Okuba wukuthi kubuye isalukazi kumbe ikhehla alembethe kodwa ngokuba yingane yakhe.

Omunye ingane ayizele yena ibe ngukhokho wakhe, imtshele ingane ithi: “Mina ngingubaba kamkhulu wakho”. Lokhu kungakholakali ngoba kushiwo yingane eminyaka mithathu, ngabe konke lokhu ibe ikwazelaphi? Uma usuyilandela indaba uthole ukuthi ngempela kunjengalokhu ingane ikhuluma.

Umama ahlupheke nengane yakhe eyodwa vo! Uma umbuza ngomlando wayo, uthole ukuthi kwayena kukhona lokhu okuthi uma usumchazela abone isimangaliso kodwa abengasiboni ngesikhathi senzeka.

Kanti kuwona lowo mnyama, le ngane nayo izinto zayo azilungi futhi ingaqondi kungani. Inkinga isekubuyeni isibili njengoba manje isibuya ngonina, nangokuba inhlanhla kungekanina.

Unina ukuze izinto zakhe zonke zilunge kufanele akhunge lesi salukazi esiyile ngane ayithwale izinyanga eziyisishiyagalolunye waphinde wayikhulisa. Kanti ukhulisa ukhokho owaphila washona kudala, osebuya isibili ngayo. Ngokwenza njalo, inhlanhla iyobuya yonke ingasabuyeli yena kuphela, nengane uqobo lwayo.

Engikhuluma ngakho ngasenhla sekwenzeke kubantu ababili kwelekanyana, befika esigodlweni eMlambomunye. Laba bantu sibathwebulile ngokuba sibaveze ohlelweni esinalo kwithelevishini, Ingono Yomsamo kwiSABC 1. Lolu hlelo lusakazwa njalo ngo-5.30 ngoMgqibelo, ukuze umhlaba ubone isimangaliso sesayensi kaMvelinqangi nethongo.

Lokhu kuzaleka kwezingane singakubiza ngokwembatha ngoba lo muntu esikhuluma ngaye kuyingane yakhe, okuyiyona okuthiwa ibuya njengomuntu owake waphila ngaphambilini.

Kujulile lokhu, kungakho abantu bakudalo babengenayo le nto yokuthi siyembula kuphela, kwakuthathwa imbuzi kuthiwe kugezwa ingubo yengane okwakukholelwa ekutheni ngumuntu owake waphila. Ukuthi lowo muntu obuye ngengane udingani kule ngane, nokuthi usima kanjani, lokho sekuyovela ngamaphupho nezehlakalo eziyokwenzeka ingane ikhula.

Kwakungalinge kuphunywe kuthiwe kuyohlolwa ngoba izangoma zazimbalwa nesasikhona sasihanjelwa ibanga elide.

Inkinga-ke isangoma kumbe umelaphi wayezalelwa emakhaya ezaleni lamasiko nesintu, okuningi ekhuleka, kukhona, engakuzwa ngendaba. Kungakho kwakungelula ukuthi umuntu asho noma yini ngoba kwakulula ukuba aphikiseke, ngoba isintu nesiko kwakwaziwa.

Namhlanje usuthola encane ingane kuthiwa iyathwasa kumbe nangu ugobela, isangoma kumbe umelaphi ozalelwe edolobheni noma elokishini, kusasa useyaqhamuka usengenwa ngabadala. Kunokuthi kubhekwe ukuthi kufanele balungiswe kanjani, sekuphuthunywa ukumthwasisa.

Sebebaningi abakhuluma ngamanzi nezimpophoma ukuyogeza izilwane nezizwe, nokwazi okuphelele baze bagxeke abanye kodwa uma ulandela bakhuluma ulimi lwabelaphi baselokishini.

Namhlanje sesaba nabathandazi abathi yenza ilathi. Kungakho-ke usuthola wonke umuntu kuthiwa wembethe, kufanele embule ukwembula okuhambisana negobongo elilandelwa yimbuzi ambathiswa umhlwehlwe wayo.

Uyokwenza lokhu uphuma ungena kodwa kungalungi. Uqhubekele phambili, nakhona kuthiwe kwasekuqaleni akwenzekanga kahle. Baningi asebelahle ithawula ngalokhu kwembula bebe bengatshelwa ukuthi kuluhlobo luni? Kuqhamukaphi? Kodwa ngoba umuntu usuke ehluphekile, agcine enza konke nokungasafanele.

Uma kuthiwa wazalwa wembethe funa-ke kokutshelayo ukuthi ikuphi khona kulokhu okuyisithupha, noma mhlawumbe aboniswa khona yena njengomelaphi nomthandazi. Kodwa uma kuthiwa idla igobongo, bese wembatha umhlwehlwe wembuzi, baleka ushiye isithunzi, sekonakele ekugcineni.

Bhedlindaba ‘VVO’ Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)

Isigodlo saseMlambomunye: School of Umsamo Wisdom

GAUTENG: 010 007 5294/5

KZN: 087 11 00 555

Esigodlweni: 033 342 3945