MHLELI: Namuhla ukuzinikela kumuntu ngenhloso yokumthanda sekufana nokuzinikela ekufeni ngoba awazi azokwenza khona mhla ungahambisani naye.
Emandulo uthando kwakuyinkundla yentokozo kodwa manje sekwaba yinkundla yegazi lapho kuqedwa khona abesifazane kade betshelwe ukuthi bayathandwa.
Amadoda anonya asaphendula uthando udobo lokudoba abesifazane ukuze basondele becabange ukuthi bayathandwa kanti bazokwenzakaliswa.
Sesisaba nokuthembeka kwabesifazane sibakhombise ubumqoka babo ngoba abanye balinyazwe ngabantu ekade bekhuluma njengathi bezenza qotho kanti bafihle ubulwane kubo.
Izingane zethu sezisaba ngisho ukudlala emnyango ngoba nebesithi umalume uzwa kuthiwa udlwengule ingane maqede wayibulala, obani ubulwane madoda?
Ngibhala lo mbhalo ngihlengezela izinyembezi uma ngicabanga ngezimbali zezwe ezibulelwe kujeziswa ukuthi azinamandla.
Phakathi kwababulewe ngibala uZolile Khumalo namanje umndeni wakhe usazikhotha amanxeba ngokumthuma enyuvesi ngethemba lokubuya neziqu kodwa wabuya neziqu zokufa, no-Uyinene Mrwetyana owabulawa maqede umzimba wakhe washiswa.
Singabesilisa abanjani uma isizwe sizizwa singaphephile uma sihleli nathi. abesifazane bebala elimhlophe nabo bathuka izanya ngenxa yamadoda anonya ehlangene nabathakathi abazibiza ngezinyanga.
Siyofike sithini kuMdali kumbe emindenini kwelizayo ngegazi labantu esilichithe bengenacala.
Sikhala ngobubha mhlawumbe uNkulunkulu nezinyanya basidinelwe siyisizwe esibi esingenanembeza.
Lunga kanxaba