SIKHULE emakhaya kukhona into ebekuthi uma ivela emndenini noma ngaphakathi ekhaya kuthiwe amabomu. Amabomu lawa into obekusheshe kuyiwe emsamo kuyobuzwa ukuthi ngakube kwenzenjani? Kulapho kuzoqondwa khona empephweni kuyothenyelezwa, kokunye kubanjwe isilwane kucelwe, kushwelwezwe ngolaka abadala abasuke sebeze beza ngalo.
Namhlanje-ke akusekho lokho ngenxa yesimo esesiphila kusona, nokulahleka kwezinto ezingamasiko ethu. Kulapho iningi namhlanje ulibona lihamba ngezinduku selidondolozela lingagugile, omunye useyanyongozela, abanye bashaywe zinhlangothi, ithi ingane incane ayisaboni emehlweni kokunye kubophane umzimba umuntu agcine engakwazi ukusukuma.
Konke lokhu uma kwenzeka kugijinywa kuyiwe kodokotela abafike bakukhombe esibhedlela okulandela lapho, akukho okunye ngaphandle kokuthi uhlinzwe.
Baningi namhlanje abashaywe yilokhu esikhuluma ngakho. Kusukela ezalukazini eseziguga zizohamba zilifulathele leli kuze kufike ezinganeni ezizelwe zizalwe nemikhubazeko emizimbeni kugcinwe ngokuthi ziyohlinzwa ezibhedlela.
Izinto zamabomu yilezo ezisuke zisuke ngesizathu samathongo ngezikhalazo ezithize. Iningi ubona lishaywa ilokhu ingoba siyakuphika sibe sikwazi kanti abanye-ke besuke bengakwazi. Into yamabomu ngeke uze uyiyele kugobela kumbe umelaphi uthi uzokusiza, kanti ayinamthandazo ngoba isuke kuyinto yabadala bakini, uyathanda awuthandi.
Kukhona abantu abazalwa ingane ixege izinyawo, kokunye itshengise ukuba nesici emzimbeni esingaqondakali, inkinga lapho sebezosuka esibhedlela izelwe, bayihlinze. Lapho-ke sekonakele konke ngaleyo ngane, ngeke ize iphinde ilunge. Kokunye ingane kuyiqale isikhulile, mhlawumbe isifunda esikoleni ezifundweni zayo kungahambi kahle, kugcinwe kuthiwa ayihambe iye esikoleni sabathatha kancane. Nakhona ngeke kulunge lutho ngoba kobe kungaxazululwa okuyikhona okugulisa ingane.
Abazali abaningi abakuqondi lokhu, abanye bebe bekuqonda. Ziningi izinto esingathi zingumsuka wamabomu nakuba kuya ngethongo ngethongo singeke sikubalule konke. Konke kusukela kumzali womuntu. Uzothola ukuthi ingane ngenkathi izalwa uyise wayeyiphikile, kumbe kwaba nomsindo okhona ngayo. Kokunye uthole kukhona isiqalekiso esakhulunywa ngothile emndenini, kokunye ngokudinwa komzali wengane ngoba ithuke yakhulelwa kade yena esabheke lukhulu kuyona, bese ekhuluma amagama abuhlungu, ajika afane nesiqalekiso. Kulapho ingane noma kanjani iphuma kukhona isici enaso.
Abaningi asebebadala bajezela izinto abazenzayo nezisuke kufanele bazenze bese bangazigqizi qakala. Umuntu uke aphuphe kusha umlilo kokunye umuzi usha kodwa anganaki. Kokunye aye kwabanamanga kufike kushiwo okushiwoyo, ekugcineni ungashi umuzi, umuntu agcine eshayeka. Uma usuyozwa, kuthiwe uthakathiwe kumbe yisilwane esenze lokhu. Namhlanje sekulula ukushaywa wuhlangothi, ungaboni emehlweni, kokunye uthi uhamba nje ekhaya endaweni elithafa, phenyelezi unyawo, usuphukile njalo. Omunye agcine ehlezi phansi noma kade elele agcine engasavuki, uyogcina ngakho ukuhlala esihlalweni esihambayo useyohlale eqhutshwa.
Baningi abagcina behlukana beshadile, baxabane kuqhume phezulu, uma bephuma kuthiwe isichitho kodwa esingachazwa siqhamukaphi. Ziningi izizathu ezishiwoyo uma sekonakele ngoba kusuke kufanele kube nesizathu salokho okuyimbangela yokonakele ngamabomu abadala.
Umbuzo uthi, ibonakala kanjani into yamabomu? Amabomu ubona ngokuthi kade kungenalutho, usuyathuka sekwenzeka into obungayilindele. Uthi wazi kahle kamhlophe awuguli ndawo, usuyavuka ngakusasa akusasukumeki, kokunye ilizwi alisaphumi, endaweni elishashalazi usuyawa phoklo unyawo. Ingane kade ihlakaniphile esikoleni isiyasuka lapho isiphenduka isidomu, izinto zayo azisahambi kahle. Kokunye usuke utshelwa kumbe uboniswa izinto ezithize kodwa ngokwezinkolo esingene kuzona, singanaki. Kokunye uxoxe kodwa kuthiwe ubuphupha, yinto engekho. Kuyokuthi-ke noma sekuvelile lokho asibuyeli ke siyobuza emsamo kwabadala ukuthi kwenzekeni, isisusa yini? Kunalokho sincamela ukuphuma sithi siyozwa ezinhlanyeni ezifike zisiphambanise kunakuqala.
Uzokuthi ulazi iqiniso kodwa umuntu umvumele uma ethi kufanele eze ekhaya azobethela kumbe azogeza umsamo ngokukhipha izidalwa abuye azibuyisele futhi. Kukhona lokho ungambuzi ngalokhu osuke ukuphupha uboniswa khona imihla namalanga, ukuthi akuve yini kuyikhona na?
Isixazululo samabomu, ukuthi uma kwenzeka into ongayiboni kahle, musa ukugijima ukhuleke kumbe uye esontwemi kumbe uyohlola ohlanyeni, usulahleke okokugcina. Okufanele ukwenze, qonda ngqo emsamo ushise impepho, kumbe ukhanyise amakhandlela amhlophe ubuze kwabadala ukuthi ngakube kwenzenjani?
Uma impendulo ingabuyi, thola amanzi empophoma noma olwandle noma esiphethu ugeze ngawo izinsuku ezintathu kulapho impendulo hleze iyobuya. Njengalokhu kuthiwa amabomu ingoba kusuke kusukela kubona abakwengamele nabakuphethe, ngakho yibona abazokulayela nabazokunika impendulo okuyiyona eqonde ngqo. Ngaphandle kwalokho, uyotshelwa yonke into engeke nengasoze yakusisa ngalutho, ugcine uzonda abantu abangenacala.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo SaseMlambomunye: School of African Indigenous Science
KZN 08711 00 555
GAUTENG: 010 007 5294/5