MHLELI: Ngiyacela noma ngabe esincane ukuze ngibeke nakhu ngisha ngaphakathi. Angiqale ngidlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaZungu KwaMaphumulo nendawo nje yonkana, abalandeli bakamaskandi, abakaMajotha nendima yonkana kamaskandi ngokusibekelwa yifu elimnyama lokushiywa yinsizwa esencane, ebinekusasa elihle, uMajotha.
UNkulunkulu uphile, uNkulunkulu uthathile. Ngizwe uKhozi FM luthatha uhlelo lonke lulubhekisa kuMajotha ukumhlonipha, siyakubonga konke lokhu kuhle kepha umbuzo uthi sonke lesi sikhathi uMajotha ubengaziwa yin? Lwalukade lugcine nini ukudlala izingoma zakhe esaphila? Iqiniso asilisho ukuthi uBheka “BK” Mchunu noZimiphi “Zimdollar” Biyela bayidlala indima yabo bamveza uMajotha kubantu, samazi nathi kulona uKhozi FM kepha emva kwalokho kwabe sekuthuleka.
Uma ngikhuluma ngoKhozi, angibhekisile kwabasakaza umaskandi kuphela kodwa kubo bonke abasakazi ngoba lena eminye imiculo iyadlalwa, ayibalelwa sikhathi, nabakamaskandi abadlalwe.
Abahleli bemicimbi bazolokhu bebiza uMajotha ngeqhawe, ngensizwa ebicula kahle kodwa engikwaziyo uMajotha useze wadlula emhlabeni ekhala ngokuqashwa futhi efuna nokucula nje bukhoma. Ngubani oke wamnika lelo thuba? Namuhla seniyamazi. Kunabaculi abeza kahle abafana noDumakahle, Kolodo, Mzukulu, Vezuthando, Mabutho, Inkosi Yamagcokama, baningi ngeke ngibaqede, nabo basabukelwa phansi, ababizwa emicimbini emikhulu. Kodwa uma kungathiwa badlulile emhlabeni, siyobe sesizwa ngani nichaza ngabo. Asazi-ke ukuthi nibazelaphi ngoba uma kumele bathole amasentshana anibazi, nifuna abanabalandeli abayizigidi, nikhohlwa yikhono nomyalezo ukuthi ujabulisa ngisho nabo labo abayizinkulungwane.
Okomasipala-ke kona, bancamela ukuyolanda amaciko akude, bashiye awasekhaya. Nakithi eMnambithi yiso lesi. Angivale ngokwethulela uSgwebo isigqoko, ngithi ubudoda yibo lobo, ungabi nje yindoda ngokudelela kepha ube yiyo ngeqiniso, siyabadinga abanjengawe Sgwebo. Ulale kahle qhawe lakithi, Majotha.
Mpha Mshengu